Amandla Emanje
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFiliphu 3:10 Ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe
Izindaba ezinhle zikaJesu ziza ngezingxenye ezimbili . Ukuthethelelwa kwezono zethu ngomnikelo waKhe esiphambanweni ,kunye nempilo entsha ukusuka manje uya kwingunaphakade .Ngamanye amazwi ,ukuxolelwa kwizolo ,futhi namandla emanje .
Futhi nebala zindaba ezinhle kakhulu lezo ,akunjalo? Kodwa ngolunye usuku ngake ngafunda into eyayibhalwe kanjena:
UbuKhrestu bamanje bubukeka bushumayela kakhulu intethelelo yayizolo ngaphezu kwamandla enamhlanje . UJesu weza hhayi ukusikhulula kuphela kodwa ukusifaka umlilo simvuthele kwinamhlanje sifeze injongo yaKhe emhlabeni !
Kuneqiniso kulenkulumo . Kuyinto ekwenza ucabange umangale ukuthi eyy ngempela yazi sibuka igazi laKhe kuze kweqe singabe sisabuka konje ukuthi emva kwalo inhloso kwabe kuyini. Emva kwakho konke ,yisenzo sothando sengunaphakade .
Yebo nebala simelwe ukulibuka simangale silishumayele iCalvery ,simangale ngothando olungaka lukaNkulunkulu ngalo , izinhliziyo zethu zigcwale ukutusa ,namehlo ethu agcwale izinyembezi .
Kodwa siyadinga futhi ukuthatha igxathi sisuke kuleyontaba esele yodwa siye ethuneni elisele lodwa qede sibuke uJesu ovukile ,ngoba ufuna ukusigcwalisa ngamandla . Amandla okuba ngcwele .Amandla okwenza intando yaKhe . Amandla okuthanda abanye .Njengokuba naYe wasithanda kuqala .Ubhala kanjalo umphostoli Phawuli ngamhla esesitokisini sokufa :
KwabaseFiliphu 3:10 Ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe
Kulelogumbi elimnyama ,uPhawuli wakhuthaza ,waqinisa ,wadumisa uNkulunkulu…ngamandla amangaka amangazayo,futhi nanamhlanje usakhuluma uNkulunkulu nathi ngaye .
Ngayo yonke indlela ,ithakasele intethelelo yezolo lakho onayo kuKhrestu .Kodwa njengoPhawuli engathi ungashisekela ukumazi uKhrestu namandla amvusa kwabafileyo .
Ukuze ngimazi Yena ngamandla okuvuka kwaKhe!
Ayibongwe iNkosi !
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..