... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Abantu Ongabathandi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:43-48 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na? Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na? Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.

Listen to the radio broadcast of

Abantu Ongabathandi


Download audio file

Umbuzo owodwa kuwe namhlanje ,kahle hle emibili. Owokuqala bangaki abantu empilweni yakho namhlanje ongabathandi, ngokujulile ? Futhi owesibili uma uya kubona ,ubaphatha kanjani ?

Futhi yebo uma kungukuthi lokhu kukwenza ungabi mnandi ,awuwedwa kulokho . Kunabantu abaningi empilweni yami kwamanje inhliziyo yami engemnandi ngabo engingabathandi. Omunye wabo uyindlovu —-hhayi ngoba mina ngesaba indlovu ezongidlovula – inkinga ugxoba aphohloze nje kwizisebenzi zakhe akanamusa.Bakhona nabanye futhi . Kuwe kunjani? Futhi imvamisa umuzwa wokuqala wemvelo yethu ngukubazonda lababantu zikhathi zonke . 

Kwesinye isikhathi sibafisela ngisho ukuthi balimale –sibatshele lokho esikucabangayo,sibahlebe,noma ngabe yini le engabenza balimale . Yiyona ndlela leyo esakheke ngayo .Kukulesosimo kanye uJesu akhuluma kuso wathi :

NgokukaMathewu  5:43-48 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’  Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo  ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?  Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na? Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele..

Yazi lokhu : ukuthi awusoze wabuka umuntu ezinhlonzini zamehlo empilweni uNkulunkulu angamthandi ,wonke umuntu ohlangana naye uyathandwa nguNkulunkulu . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..