... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Emanje

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:10 Ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe

Listen to the radio broadcast of

Amandla Emanje


Download audio file

Izindaba ezinhle zikaJesu ziza ngezingxenye ezimbili . Ukuthethelelwa kwezono zethu ngomnikelo waKhe esiphambanweni ,kunye nempilo entsha ukusuka manje uya kwingunaphakade .Ngamanye amazwi ,ukuxolelwa kwizolo ,futhi namandla emanje . 

Futhi nebala zindaba ezinhle kakhulu lezo ,akunjalo? Kodwa ngolunye usuku ngake ngafunda into eyayibhalwe kanjena: 

UbuKhrestu bamanje bubukeka bushumayela kakhulu intethelelo yayizolo ngaphezu kwamandla enamhlanje . UJesu weza hhayi ukusikhulula kuphela kodwa ukusifaka umlilo simvuthele kwinamhlanje sifeze injongo yaKhe emhlabeni !

Kuneqiniso kulenkulumo . Kuyinto ekwenza ucabange umangale ukuthi eyy  ngempela yazi sibuka igazi laKhe kuze kweqe singabe sisabuka konje ukuthi emva kwalo inhloso kwabe kuyini. Emva kwakho konke ,yisenzo sothando sengunaphakade . 

Yebo nebala simelwe ukulibuka simangale silishumayele iCalvery ,simangale ngothando olungaka lukaNkulunkulu ngalo , izinhliziyo zethu zigcwale ukutusa ,namehlo ethu agcwale izinyembezi .

Kodwa siyadinga futhi ukuthatha igxathi sisuke kuleyontaba esele yodwa siye ethuneni elisele lodwa qede sibuke uJesu ovukile ,ngoba ufuna ukusigcwalisa ngamandla . Amandla okuba ngcwele .Amandla okwenza intando yaKhe . Amandla okuthanda abanye .Njengokuba naYe wasithanda kuqala .Ubhala kanjalo umphostoli Phawuli ngamhla esesitokisini sokufa :

KwabaseFiliphu 3:10 Ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe

Kulelogumbi elimnyama ,uPhawuli wakhuthaza ,waqinisa ,wadumisa uNkulunkulu…ngamandla amangaka amangazayo,futhi nanamhlanje usakhuluma  uNkulunkulu nathi ngaye . 

Ngayo yonke indlela ,ithakasele intethelelo yezolo lakho onayo kuKhrestu .Kodwa njengoPhawuli engathi ungashisekela ukumazi uKhrestu namandla amvusa kwabafileyo .

Ukuze ngimazi Yena ngamandla okuvuka kwaKhe! 

Ayibongwe iNkosi !  

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..