Amandla Okubi Mlingani Munye
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KumaHebheru 13:4 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
Emazweni amaningi umshado uya ngokuya uphelelwa yisithunzi sawo . Abantu sebevele bazihlalele ndawonye ,bahlukane kalula ,badlulele phambili ,bathole abanye … futhi sekuyiyonna mpilo .Yiyona ndlela izinto eseziyiyona manje .
Ngokwalomqondo wesimanje ,indlela yokwazisa umshado yobuKhrestu isiphenduke yayinto ephuphile . Yebo nebala nalento yokuthi umuntu kumele azigcine kuze kube ungena emshadweni ,emazweni amaningi isiyinganekwane esalihlaya ,isiphuphile.
KumaHebheru 13:4 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
Hhayi bo ! Ngempela ? Awusho ,usho ukuthi usekhona umuntu osacabanga ngaleyondlela ?! Ngake ngafunda umbhalo owangihlaba umxhwele ,nakhu ingxenye yokwakushiwo nguwo :
Ngesikhathi efunda umbhali womhlaba ngekudala , usomlandu nongabukholwa ubukhona bukaNkulunkulu u- Tom Holland, kunento ayibona .
Abakudala babenesihluku futhi indlela yokubuka inani lempilo kwabe kuyinto ehlukile nayaziyo . Ama-Spartans ayevamisa ukubulala izingane ‘ezingekho perefect’ ngokusho kwawo. Imizimba yezigqila yayiphathiswa okwezinto nje kulabo ababesemandleni. Ukubulala izinsana ezisanda kuzalwa kwakwejwayelekile . Abampofu nababuthaka babengenamalungelo.
Sasuka kanjani lapho safika la sikhona ? Kwaba ngubuKhrestu, ngokokubhala kuka-Holland. UBuKhrestu baqhakambisa ukuziphatha okuhle ngezocansi nasemshadweni ,baqhakambisa ukuzithiba kubantu bamelana nalo lonke uhlobo lokudlwengulwa . UBuKhrestu banika indawo yenkonzo yocansi ukuthi isemshadweni wendoda yinye nomfazi munye . Kuyamangaza ukuthi , ngu -Holland obalula lokho , okumangaza ngukuthi yizo kanye lezinkambiso eziqotho ubuKhrestu obuhudulelwa phansi ngenxa yazo . UBuKhrestu babaphakamisa abesifazane. Ngamafuphi ubuKhrestu baguqula umhlaba.
Ungalokothi uthandabuze ukuthi ;nakanjani isizwe esixegisa izimilo , sikhokha inani elibuhlungu ngalokho. Siba nemindeni emanhlembethwane eklayekile, izingane ezingenababa, izimpilo ezichithekile . Futhi luyeza usuku olukhulu lwamacala .
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..