... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Omusa KaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 1:16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

Ngingacela ukukubuza uyini hle hle umusa? Kwabaningi  yisisho esesilisikonkolo esesigcine singasasho lutho olutheni ngaphandle kokusithimisela kuphela .

Kodwa othola ukuthi umusa yilona   gama elinamandla  angumbayimbayi eliguqula umhlaba ngokunamandla angachazekiyo  .

Izolo sigubhe umusa .Sibonile ukuthi uNkulunkulu wakhetha  ukuzokhuluma nathi ngoJesu ,iNdodana yakhe ,owamkhetha ukuba azoba ngumuntu azophila phakathi kwethu  :

NgokukaJohane  1:14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

UJesu iZwi ULizwi  kaNkulunkulu onguNkulunkulu ,uNkulunkulu ekhuluma nathi ngolimi esingaluqonda ,ekhazimula inkazimulo yakhe phezu kwethu ,echichimisa umusa neqiniso lakhe  ezimpilweni  zethu.Futhi [ivesi elilandelayo] …

NgokukaJohane  1:16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa

phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

Umthetho ,omqondo wokulandela uhide lwemiyalelo ,engakuguquli .Kodwa umusa –ukunikezwa isipho esiza  kithi ,ukuveza izibele ,isihawu ongasifanele sanhlobo ,ukuthethelelwa ongakufanelwe sanhlobo ….ngiyakutshela sihlobo sami ,kuyisimanga ukuba ngumumekeli walowomusa lesosihe sezinziwe kuwe .

Akekho noyedwa kithi ,ngizibala ngokuphelele nami lapho ,ofanelwe nguJesu ;ukufa kwakhe esiphambanweni ukuhlawula ubulungiswa obabufunwa nguNkulunkulu  ngenxa yokuhlubuka kwethu .

Kodwa uNkulunkulu mtakababa wathulula umusa phezu komusa [phezu kwethu !] isipho samahhala sokuthethelelwa  ngoJesu  ,isipho somusa ,konke ekwenza ngothando ngami nawe shlobo sami .

Umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy