... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Ovuko

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 1:16-20 Angiyeki ukubonga ngenxa yenu, nginikhumbula emikhulekweni yami,ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena; ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini

Listen to the radio broadcast of

Amandla Ovuko


Download audio file

Kulezinsuku ezedlule besilokhu sikhuluma ngokunqoba isono – kahle hle ukuphila impilo yokunqoba lokho uJesu asizuzela khona kulesosiphambano .Sidinga amandla ukukwenza lokho.Amandla angokoqobo.

Uma sekuzizwa ekuwabambeni lawomandla ,abalandeli abaningi bakaKhrestu  behlelwa yithemba  ngoba kubukeka kungenzeki kubona . Siyafuna ukumnika iqholo lenhlonipho uNkulunkulu ngenxa yomsebenzi awenza ,kodwa uthola ukuthi sisabanjwa yileso sono esisodwa esigiya siphindela kithina . 

Kuyindida lokho .Ngakho ,abaningi [imvama?] bafika kwisiphetho sokuthi abasoze baba namandla okuphila ngalokhukunqoba uJesu akuthembisa . Yebo ,angisho ukuthi ngize lakuwe namhlanje ,egameni laKhe ,ukuthi akukho okungaqhelana neqiniso .

KwabaseFesu 1:16-20 Angiyeki ukubonga ngenxa yenu, nginikhumbula emikhulekweni yami,ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena; ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo

lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu  asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini

Ngamanye amazwi sewuvele unamandla amaningi ngaphezu kwalawa obungawadinga .Amandla ovuko.Lawomandla kanye avusa uJesu kwabafileyo .Lawomandla kanye owadingayo ukufeza inkululeko esonweni  osunesikhathi uyilangazelela . 

Futhi lawomandla aphenduka abe yingempela uma sikhetha ukulalela iZwi likaNkulunkulu   kunoSathane .Yilapho kanye amandla  ekhona.EZwini likaNkulunkulu ngoMoya  waKhe ..Ngokuba lapho kunoMoya weNkosi khona kunenkululeko.

Okwakho sihlobo sami!  ….kholwa qha .Amandla avese asenikwe wena .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy