Awucabange Umhlaba Ongenalo Uthando
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 13:1-3 Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
Ake sicabangisane nje ukuthi umhlaba ungaba ngonjani uthando lungekho .Ubungaba mubi kakhulu .Kwabaningi nokho akuthathi sikhathi eside ukucabanga ngoba baphile emhlabeni esimweni lakhona lungekho sanhlobo uthando .
Kubuhlungu ukuthi kunabantu abaningi namhlanje isidingo sabo esinqala wuthando nokho abakutholi lokhu kuthandwa .Ngani? Ngoba bazungezwe ngabantu abangabathandi .
Bazungezwe ngabantu abaziphilela impilo yabo bengenandaba nabanye abantu Noma ngabe yini abayenzayo ,ingaba nhle noma ibe mbi kodwa nje amehlo abo bawethe njo kwizimpokophelo zabo kuphela .
Ngiyazi ngoba nami ngake ngaba yilowomuntu ongenaluthando kwabanye ,impilo yayingami kuphela ,okwaba kubi ukuthi ngingabakhombisi uthando abaseduze nami lokho okwaba yincithakalo kubo nakimi uqobo .
Futhi emehlweni kaNkulunkulu akusho lutho ukutho zinhle kanjani izimpokopheloi zakho kodwa uma ungenalo uthando uyinsimbi encencethayo .
1 KwabaseKhorinte 13:1-3 Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
Emhlabeni onganywe ngukungabi naluthando ,wena yiba ngonothando letha ukuphila kulomhlaba.
Mina nawe sihlobo sami singaphendula umhlaba koyikho ngokuletha uthando nje lulodwa .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.