... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Enhlabathini Eqinile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 40:27-28 Usholoni wena Jakobe ,ukhulumelani wena Israel ukuthi : “Indlela yami isithekile kuJehova ,ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami ,” na? Awazi yini ,awuzwanga na uJehova uNkulunkulu ongunaphakade ;udalile imikhawulo yomhlaba ;akapheli mandla akakhathali ,nokuqonda kwakhe akunakuphenywa .

Sisangena kulonyaka omusha  … ngikholwa uzongivumela ukuthi kusemqoka ukuthatha igxathi ubheke phamabili ,uqonde enhlabathini eqinile .

Phela phezu kwakho konke isisekelo sisemqoka ,akunjalo?

Ubungakhetha ukuhamba enhlabathini eqinile kubbe esihlabathini esithambile?  Ngeshwa abanye baye bakhethe isihlabathi esithambile .

Kanjani?  Singena onyakeni omusha sikholwa ngukuthi wonke amaphupho namathemba ethu azochuma  aphumelele ,ukuthi impilo ,abantu bazosiphatha kahle ,ukuthi kulonyaka  sizoba nezempilo ezinhle ,sinothe sikhaliphe .

Ebese singalindele  kudilike umthangala ,kwehle izehlo ebisingazicabangi kuvunguze umoya kube nezivunguvungu   endleleni yethu  singalindele .

Nyakenye kwelase Australia  bude buduze nekomkhulu le Christianity Works kunendoda eyavese yaphatha ummese yaya enxanxatheleni yezitolo  indiza yabulala abantu abangu 7 yalimaza nabanye abaningi .Akekho owaba neso ukuqaphela lokhu kungakenzeki bonke abantu bazithola sebesitshekelwe yifu elimnyama .Akukho noyedwa owayeke wakuphupha lokho! 

Labobantu babeziyele ezitolo libalele kamnandi lithambeme kunguMgqibelo  bezincebelekela  ….dukuduku quh labashonela njalo ! Manje akukho noyedwa kithi okufisela namunye wethu  ukuba kumehlele ,kodwa izehlo ziyazehlela zona .

Ekukhulumeni ngenhlungu yenhlupheko eyabe  isidonsele  phansi abantu bakaNkulunkulu cishe iminyaka engu 70 ,okuthi akube yizizukulwane  ezintathu impela  ,nakhu uNkulunkulu akusho kubantu bakhe :

Isaya  40:27-28 Usholoni wena Jakobe ,ukhulumelani wena Israel ukuthi : “Indlela yami isithekile kuJehova ,ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami ,” na? Awazi yini ,awuzwanga na uJehova uNkulunkulu ongunaphakade ;udalile imikhawulo yomhlaba ;akapheli mandla akakhathali ,nokuqonda kwakhe akunakuphenywa .

Noma ngabe umhlaba wakho okuwo unyakaza kanjani uNkulunkulu uyinhlabathi yakho eqinile enganyakaziyo . Wayelokhu ekhona .Uyohlala njalo ekhona .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy