Futhi Ngakho Impilo Iyaqhubeka
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 2:40 Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
Manje maduze lomgqumo kaKhisimusi uzodlula nalezinsuku zidlule ngokwe khalenda .Manje kuzobe sekwenzekani emva kwalokho ?
Izimpilo zabaningi okubandakanya neyami zizobe sezibuyela empilweni ejwayelekile ”. Kwabaningi impela sekuwukubuyela ekujulukeni siyosebenza izinsuku ezingu 5 bese sithola inkeshezana yezinsuku ezibili esontweni zokuqoqa amandla nakhona kunezasekhaya ,sesiyophinda sithi gozololo kulenzunsuku ezimakwe ekhalendeni zabizwa ngokuthi amaholidi .
Kungenzeka kube sengathi kungokudlulele kwabaningi kodwa uma sibuka ngokomuga wesikalo esijwayelekile kwiningi impilo iholoba kanjalo unyaka wonke .Futhi kwabe kunjalo ngqo kuloJesu omncane esiqeda kugubha ukuzalwa kwaKhe .
Yebo yena nabazali bakhe bake baba nesikhathi sokubalekela eGibhithe ukuze baphephe olakeni lwenkosi uHerodi .
Kodwa emva kwalokho impilo yabuyela kokujwayelekile eNazaretha .Manje cishe asizwa lutho ngokuningi ngokweminyaka ekhula .Kahle hle ngelinye lamavesi elichaza kancane ngesikhathi sokukhula kwakhe empilweni leli :
NgokukaLukha 2:40Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu
wawuphezu kwakhe.
Nokho lendima enganakekile emfushane igcwele amandla . Nangu esemsebenzini kayise efunda umsebenzi we-carpentry ? Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha
UNkulunkulu Yena uphi kulokhu ? Wayembusisa nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
Sonke sinaso isikhathi esibukeka singesibhorayo ,lakhona sisekufihlakaleni singabonakali kubantu ,sisekufundeni i-trade yokuphila …kodwa ngisho nalapho kanye ,uNkulunkulu unohlelo ngawe njengokuba wenza ncimishi ngeNdodana yaKhe.
Ukuku developer ,akukhulise akugcwalise ngenhlakanipho … akubusise ,uNkulunkulu unohlelo !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.