... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Gijima Kumbe Uye Kude

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 27:17 Insimibi ilola insimbi ,nomuntu ubuso bomunye .

Listen to the radio broadcast of

Gijima Kumbe Uye Kude


Download audio file

Ukusebenza ngokubambisana niyi team kuyancomeka nhlazonke la obuka khona  –ezinkampanini eziphumelelayo ,kumaqembu ezemidlalo awinayo ,emabandleni emindenini .

Kungumqondo  olicebo elikhulu ,kodwa manje inkinga abanye  abantu khona la kule team  bangaba ngumthwalo uqobo  !

Inkinga nge teamwork ngukuthi sonke sifinyelela ekubukeni ngokwamehlo ahlukene . Sonke singabuka udaba olulodwa  kodwa uthole ukuthi silutolika ndlelaningi ezehlukene .

Futhi uyazi kuba njani . Ufuna wonke umuntu abone ngendlela yakho .Ufuna isisombululo sakho kube yiso esimayo ,ngoba wazi kahle ukuthi indlela yakho yiyo kanye  e-right .

Yilapho kanye kuzaleka umoya wokuthi ‘indlela yami kungenjalo angiyingeni’ .Ungqubuzano luqala  lapho nabanye bathathe wona lomqondo wakho wokucabanga wokuthi ‘indlela yami’ .

Ngikhumbula ngixoxa ne -CEO  yenkampani enkulu .Uma ngibalula igama elithi i- “management team yakhe ” wahleka wathi , “i-Management team?!  Awungiyeke ngalabo bayinhlanganisela labo yamakhosi ezigodi zawo afuna omaziphathe akekho ozwa omunye .”

Futhi manje angithi uma ufuna ukufeza utho oluthile uyayidinga iteam ozosebenza nayo ? Njengokuba kunesisho sesiNgisi sakudala esithi : Uma ufuna ukuhamba ngejubane ,hamba wedwa .Uma ufuna ukuhamba ufike kude ,hamba nabanye .Yiqiniso lelo!  

Pho uzokwenza kanjani lokho uma  bonke abantu bebona izinto ngokubuka kwabo ?

Izaga  27:17 Insimibi ilola insimbi ,nomuntu ubuso bomunye .

Kuyimvelo ukufuna amacebo ethu nezisombululo kube yizo ezimayo kugobe ezabanye . Kodwa esikhundleni sokudonsana sivuma ukuphalana njengezinkemba ezimbili ,lokho kwenza sivumela ukubuka komunye kulole okwami ,kuyamangaza ukuthi uNkulunkulu angasebenza kanjani nge team ,ukuzuza umphumela omuhle kakhulu .Umphumela wakhe .

Insimibi ilola insimbi ,nomuntu ubuso bomunye .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.