I- Charlie-Gibbs Fracture Zone
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 34:17,18 Labo bayakhala ,uJehova uyezwa : uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo .UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo ;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
Sewake wezwa ngendawo ewuhlangano manzi olwandle ngokunamandla, enemvelo eyehlukile futhi evikelwe ngokomhlaba .Lendawo isemathumbini olwandle i-North Atlantic ihamba ibanga elide elingango 2 500 KM isuka kude le e-Newfoundland e Canada iya eNingizimu-Ntshonalanga e – Ireland. Yisimangaliso sendalo leso esibizwa ngokuthi yi -Charlie-Gibbs Fracture Zone.
Manje ngale kuka -size walendawo enkulu ,ayizange yaziwe kwaze kwaba ko 1960 ngoba ihamba ishone phansi kakhulu ;phakathi kuka 700 no 4,500 metres phansi olwandle .Inomnyakazo omkhulu kakhulu ,okuchaza ukuthi kunokundindizela komhlaba okuningi ,izikhathi ngezikhathi ,kuqhumbuke udaka olusuka phansi .
Baningi abantu abanezilonda ezivulekile emphufumulweni yabo,izilonda ezinkulu ,izilonda ezibashaya okusengathi ngukuzamazama komhlaba ,eziqhumbuze impushuphushu yodaka lokulimala nokububula kwangaphakathi.
Ungqubuzano lwendawo engalawuleki ,olwenzeka ngaphakathi luphethe kanzima izimpilo zabantu abaningi .Izinhliziyo zabo ziphukile .Bazizwa bechobozekile emoyeni .Bezwa ubuhlungu obunkenketha ngokungachazeki ngangokuthi abazi bangubumisa kanjani lobuhlungu .
Uma kungukuthi ukuleyondawo namhlanje ,kumbe wazi umuntu okulezinhlungu ,ngakho namhlanje ngifuna ukukuqinisa ngikukhuthaze ukubamba iZwi likaNkulunkulu njengokulisho kwaKhe .
Amahubo 34:17,18 Labo bayakhala ,uJehova uyezwa : uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo .UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo ;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
Lakhona kungabonakali lutho olungasiza ,lakhona kubukeka sengathi engekho ongakwazi ukugudluza lezonhlungu ozizwayo,khala kuNkulunkulu .Uyakuzwa .Uyokusindisa .Sikwazi kanjani lokho ? Singanesiqinisekiso kanjani??
Ngoba iZwi likaNkulunkulu alisoze lahluleka .Akasoze ehlulwa wukuphila lokhu akwethembisile .Futhi ngesikhathi usazama ukuzindla kabanzi ngalamaphuzu aliqiniso ,ukuzo kanye lezonhlungu enhliziyweni ,phinda ulalele.Lifake enhliziyweni iZwi laKhe :
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo ;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..