Imifino Ebabayo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Eksodusi 12:8 Bazakuyidla inyama ngalobo busuku,yosiwe ngomlilo;bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.
Lento yonke ‘yesono’ ,yebo akuseyona into ezwakala ngokudumile kulezinsuku.Kodwa khona manjalo mina nawe ,siyazi ukuthi uma senza into ewrong ,inemiphumela .Ishiya ukubaba emlonyeni wakho .
Yebo isono sinemiphumela ,noma ngabe sihehana kangakanani isilingo esiholele kuso phambilini.Asikwazi ukukhuluma ngePhasika singakhulumanga ngesono sethu ,ngoba yisona sizathu kanye uJesu ,ophinde abizwe ngokuthi yiWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe,wafa kulesosiphambano .Ukukhokhela inani lobulungiswa elifunwa nguNkulunkulu ngezono zethu .
Kulezinsuku besike sakhuluma kabanzi ngokunotha kophawu lwesidlo sePhasika .Ngoba ngesikhathi uNkulunkulu ekhulula abantu baKhe ebugqilini eGibhithe kwizinkulungwane zeminyaka andukuba uJesu abethelwe ,wabayala ukuba babulale iwundlu qede bapende igazi lalo ezicabheni zabo ukuze ingelosi yokufa ,kwinhlupheko yeshumi yokugcina phezu kweGibhithe ,yedlule phezu kwezindlu zabo ,bavikelwe yilona .
Baphinde futhi bayalwa ukulidla nemifino ebabayo nesinkwa esingenamvubelo ,andukuba baphunyuke kwelikaFaro ngakusasa ,sebehujwa yibutho likaFaro elikhulu .
Eksodusi 12:8Bazakuyidla inyama ngalobo busuku,yosiwe ngomlilo;bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.
Imfino ebabayo ,hheeh? Kungani ? Yebo kuluphawu olunothile kakhulu olwalungeke lulahleke kulawo Ma-Israel ngoba umuzwa wokuba yisgqila wabe ungobabayo ngokwesihluku esihlasimulisayo .
Futhi kuyisikhumbuzo nakimi nawe ukuthi ukubaba kwesono sethu akuyona neze into esingafuna ukubuyela siyophila kuyona.Yingakho uJesu weza – iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zeZwe.
UJesu wasifela ukuze asifake ekuphileni okusha ceke .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..