... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iwundlu Lokushiswa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Eksodusi 14:27 Nithi “kungumhlatshelo wephasika likaJehova,owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwa-Israel mhla ebulala abaseGibhithe ,ezophula izindlu zethu.”

Listen to the radio broadcast of

Iwundlu Lokushiswa


Download audio file

Ngakho nakhu la sikhona ,evikini lePhasika ,sibuyisela umqondo wethu kuleloPhasika  uJesu akhashelwa wabethelwa ngalo.Futhi leloPhasika kulesosikhathi nanamhlanje ,laligujwa ngesidlo .Imvu eshisiwe .

Amazwe amaningi abeka usuku eceleni lokukhumbula amabutho afela empini endulo  futhi leyomgubho iba nezimpawu ezinothile ngokwezwe.Kuliqiniso elifanayo nangePhasika ,njengokuba lingumgubho owenzeka ngokwekhalenda lamaJuda ,ngoba yisona sikhathi kanye uJesu abethelwa ngaso. 

Elinye lamagama elinikwe uJesu ezibhalweni ngelithi “ iWundlu likaNkulunkulu ”. Lomqondo wewundlu lomnikelo ubuyela emumva kulobobusuku ,obuyizinkulungwane ezedlule ,ngesikhathi uNkulunkulu esindisa abantu baKhe ebugqilini eGibhithe  ngenhlupheko yokugcina yeshumi .

Ukunqoba inhliziyo kaFaro adedele abantu baKhe bahambe ,wathumela ingelosi yokufa ezweni ,ukubulala wonke amazibulo  ezingane nawezilwane ezweni lonke ,ngaphandle kwemizi yama-Israel ,ayetshelwe ukuthatha iwundlu ,elingenasici, balibulale qede balibhece ezicabheni zemizi yabo ukuze ingelosi yokufa yedlule phezu kwabo ingabulali amazibulo abo.Yilokho nebala okwenzeka ,yilokho kanye umgubho wePhasika okhumbuzana khona  .

Eksodusi 14:27 Nithi “kungumhlatshelo wephasika likaJehova,owadlula kuzo izindlu zabantwana  bakwa-Israel  mhla ebulala abaseGibhithe ,ezophula izindlu zethu.”

Yingakho uJesu ebizwa ngokuthi uliWundlu likaNkulunkulu ,ngoba uma sikholwa kuYe ,egazini aliphalala kulesosiphambano  ngenxa yethu ,ukufa kuyedlula phezu kwethu .Noma ubani okholwa nguYe akasoze afa ,kodwa unokuphila okuphakade .

UJesu ,iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe ,zethu .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..