... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isikhathi Sokukhumbula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Eksodusi 12:14 Lolosuku luyakuba yisikhumbuzo kini,nilugcine lube ngumkhosi kaJehova ;anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.

Listen to the radio broadcast of

Isikhathi Sokukhumbula


Download audio file

Iphasika  selisheshile ukufika futhi .Futhi kubukeka sidlula kulona masinyane ,kwabanye kubukeka kuyi mpelaviki emnandi .Kodwa khona kunjalo iPhasika ligcwele umyalezo . 

Ukubethelwa kukaJesu esiphambanweni ngami nawe  kwenzeka ngomgubho wePhasika ,okwabe kuyisikhathi lakhona abantu bakaNkulunkulu bebuyesela emumva umqondo wabo ebusuku lakhona uNkulunkulu akhulula u-Israel  kwiminyakanyaka yobugqila  eGibhithe .Ebugqilini …lokho kungumqondo ongemnandi. 

AmaGibhithe ayengobasi abanonya ,ngakho uNkulunkulu wathumela izinhlupheko ezilishumi  ukuvumisa uFaro adedele abantu baKhe bahambe …okwagicna kwenzekile ngesikhathi ingelosi yokufa yabulala wonke amazibulo  eGibhithe ,ngaphandle kwawakwa Israel .Lutho sanhlobo kuwo,ingelosi yokufa yazidlula izindlu zawo okungakho leligama esingisini libizwa ‘ngokwedlula ngaphezulu ’ –Passover.

Kwaba wukuphuma okuchazanayo ngoLwandle olubomvu ,okwalandelwa yiminyaka engu 40 ehlane ,okwathi ekugcineni kwayila bengena ezweni lesethembiso .Noma kunjalo kwabe kungukuphuma ebugqilini  futhi nakhu uNkulunkulu akuyala u-Israel ukukwenza ngaleloPhasika : 

Eksodusi  12:14Lolosuku luyakuba yisikhumbuzo kini,nilugcine lube ngumkhosi kaJehova ;anolugcina izizukulwane ngezizukulwane  ngokomthetho waphakade.

Futhi okuthe emva kweminyaka eyizinkulungwane ,uNkulunkulu wathumela iNdodana yaKhe uJesu ukuzofa esiphambanweni  ngalo kanye usuku loMgubho wePhasika  elabe seliqaliwe ukugujwa kulelothuba . 

Lesosikhathi okwenzeka ngaso kusho lukhulu .. Ukuthi uNkulunkulu usitshela ngaleliWundlu lePhasika ,esizokhuluma ngalo kusasa ,weza ukuzosikhulula ebugqilini ,ebugqilini besihluku sezono zethu .

Futhi yinto le afuna singagijimi kuyo ,kodwa kesime sicabange ngayo ,siyikhumbule .Ngoba uma sikwenza lokho sihlonipha iNkosi.

Shlobo sami uJesu weza ukukhulula abathunjwa ,nguwe nami lowo . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..