Imigubho YePhasika
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 20:18-20 “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”
Kunemigubho egujwayo nemidlalo evese iba nesasa elikhulu kubantu.Thina bantu senza izinto obungezicabange ezi-crazy ngenxa yayo .Siyaviliyela sishaye ujenga sigida uma siyigubha .Kume yonke into kuvalwe imigwaqo sekuminyene utshumo kuyinhlaba luhide kubhekwe ezitediyamu ngenxa yebhola.Kodwa iPhasika livamisa ukuba wumgubho odlula yonke eminye imigubho .
Manje omunye uzothi kungani ngithi iPhasika nalo ngiliyemanisa nalemigubho futhi ngithi lona liyayedlula kweqa ngezinto ezenziwa yisizwe ngempokophelo yalo.Uthola ukuthi abaseNtshonalanga bona basuke bematasa no-Easter eggs kunjeyaya.Manje uvese uzibonele ukuthi hhayi kuphithene la!
NgokukaMathewu 20:18-20 “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”
Uma uJesu eyilo athi unguYe –mawuthanda ungakwenza ihlayi lokhu engikushoyo okwesikhashana- kodwa lenqobo yokuthi wafa wavuka ,komele ibe notho elushoyo ,ngeke isho utho ?
Umbuzo uthi –Yini ? Njengokuba sihubela ekubhekeni ePhasikeni njengamanje ,ngingacela ukubuza ukuthi lichazani kuwe? Kuchazani ukufa nokuvuka kukaJesu kuwe,njengamanje khona la,ukusuka manje kuyaphambili eminyakeni engu 2 000 ezayo khona?
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..