Impakamo YobuSathane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 4:5-7 Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana. USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhingiyinika noma ubani ngokuthanda kwami. Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.”
Sewake wabhekana nokuphonselwa ngusathane isilingo esikutshela ukuthi uzoba ngophumelela kanjani ,ukuthi abanye abantu bazohlabeka umxhwele kangakanani ngawe ? Awuwedwa kulokho !
Amathuba ayaqhamuka empilweni .Ngisho nala khona uziqhathanisa nabanye abantu ,futhi okuthi mawukwenza uvese uzibone uqhele ngamalengiso kubo ungumatindane uqobo .Ngisho nala khona impilo ingabi yilokhu owawuthemba izoba yikho .Ngisho nala khona wehlulekile ,usesigabeni sokuqoqa izingcucu eziphephukile .
Amathuba ayaqhubeka ezongqongqoza emnyango wakho Futhi kahle hle lakhona siphansi ,okuyinto sonke esibhekanayo nayo ,lawo mathuba ayahuhana .Yingakho abantu besheshe bagwinye yilama- scam athi ceba ngokushesha .Inhlansi yokulingwa yimpumelelo iqhashela kuwe ngokushesha uma usenkingeni izinto ziya phansi .
UJesu wayesebe sehlane izinsuku ezingu 40.Engazange adle lutho.Wayentenga .Wayebuthaka .
NgokukaLukha 4:5-7 Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana. USathane wathi
kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhingiyinika noma ubani ngokuthanda kwami. Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.”
Njengombhali nesikhulumi u- Joshua Botello ebeka kanje ,uma usathane engakwazi ukukuqumba phansi ,uyozama ukukufutha .Ungalingeki .Hlala uthobile .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.