Impambankwinci Yenkululeko
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseGalathiya 5:13 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
Inkululeko yinto sonke esiyilangezelelayo.Ukukhululeka kwimithetho ,emithwaleni nasezintweni okumele sizenze ezisidonsela phansi ngokusinda ,singabala nasebudlelwaneni obunzima .Ungaqhubeka ukubala ngakunye ,sifuna ukukhululeka kukho.Futhi akuyona into engajwayelekile leyo .Sifuna ukukhululeka kulezozinto ukuze siqhubeke sithokozele impilo.
Kumuntu ongakaze abe nemali eyanele ukukwazi ukubhekana nezidingo zokuphila kwakhe ,ngiyakutshela wena kuyinto engukukhululeka okukhulu ukukwazi uku-afforder.Kumuntu osebe semshadweni ethwele kanzima ,kungukukhululeka okukhula ukubona izinto ziqaqeka .
Futhi yebo nebala uNkulunkulu usikhethele ukuba sibe nenkululeko kodwa inkinga isekutheni kungenzeka ukuthi lenkululeko asikhethele yona akulona loluhlobo esiluthandayo thina .
KwabaseGalathiya 5:13 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
Inkululeko uNkulunkulu akhuluma ngayo la ,yinkululeko ezintshisekelweni ezingezinhle ,ukukhululeka esonweni ;inkululeko kukho konke ukwenza okubi.Futhi nembala asilisho iqiniso ukuthi inkululeko yalezozinto esikhulume ngazo ekuqaleni –kungasiholela ekwenzeni izinto ezi-wrong ;ekungathembekeni ,ekushiyeni umlingani wethu nokuningi okungagcina sekwenzeka .
Uma ubeka ithemba lakho kuJesu ,ungokhululiwe emthwaleni wesono sakho .Inkululeko yoqobo leyo.Uhlobo lwenkululeko olukukhululayo phakathi kwazo zonke izinto ezinzima ezikucindezelayo .Ngakho …
… ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.