... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indlela Yokubona Amanga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 86:11 Ngifundise Jehova indlela yakho ,ngiyakuhamba eqinisweni lakho ;yenza inhliziyo yami iqonde ntonye ,yesabe igama lakho.

Listen to the radio broadcast of

Indlela Yokubona Amanga


Download audio file

Uma ucabanga ngokuthi indlela ethile seyigwegisiwe ,lokho sikwazi  ukukuthola ngoba siqhathanise indlela egwegile nale eqondile.Ukukwenza lokho udinga kuqala ukwazi ukuthi injani indlela eqondile .

Ndlelanye uma ungalazi iqiniso soze wakwazi ukubona amanga .Okubuhlungu baningi abantu ababishe emangeni .Amanga okuthi ingcebo ingakwenza ube ngothokozile  asedale ubuhlungu obuningi emhlabeni . Amanga okuthi imizwa yethu isitshela iqiniso  ngenye yezindlela edukisanayo .

Uhla lude .Ngakho iningi lalamaqiniso ayakhohlisana manje sinamathela kuwo sibanjwe yiwo .

Umbuzo uthi : pho siwabamba kanjani lamanga kaSathane ukuthi angamanga ? Singakhululwa kanjani ezincithakalweni eziyogcina ziyiletha kithi ? Impendulo …

Ihubo 86:11 Ngifundise Jehova indlela yakho ,ngiyakuhamba eqinisweni lakho ;yenza inhliziyo yami iqonde ntonye ,yesabe igama lakho.

Siphendula izintshisekelo zethu ezijulile siziyise kuNkulunkulu Simcela ukuba asifundise izindlela zakhe ,ukuze sihambe eqinisweni lakhe okuyilonalona .Iqiniso lakhe .

Simcela ukuba asebenze ezinhliziyweni  zethu ,ukuba anqobe lomdonsiswano ongaphakathi azibumbe azihlanganise izintshesekelo zezinhliziyo zethu ukuba sesabe igama lakhe ;ukuba sifune ngaphezu kwakho konke ,ukuba intando yakhe yenziwe ezimpilweni zethu ,njengokuba yenziwa ezulwini .

Ngifundise Jehova indlela yakho ,ngiyakuhamba eqinisweni lakho ;yenza inhliziyo yami iqonde ntonye ,yesabe igama lakho.Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.