Indlela Yokubona Amanga
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 8:31,44 Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga,ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.
Inkohliso isikake nxazonke kulezinsuku . Phezu kokuba abahleli bezindaba nezintatheli beneminyaka befaka lokho okubizwa ngezindaba yonke leminyaka ,kulezinsuku ngoba sibhekene nokwanda kwamampunge kwenza kube nzima ukulibona iqiniso kumavundulululu amanga agcwele .
Futhi akukho nje endabeni yezindaba nolwazi la khona sinalenkinga .Kuyenzeka nasezimpilweni zethu futhi .Kungakanani ukusontwa okwenziwe kuwe ngumuntu obezibeka njengomngani ,kodwa ekugcineni othole ukuthi ubefuna utho kuwe kuphela ?
Ngakho …uwanombola kanjani amanga uma eza kuwe ukuthi yiwo uqobo lwawo ?
NgokukaJohane 8:31,44 Khona uJesu wathi kubaJuda abase
bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;
Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali
wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga,ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.
Ngakho,ngokukaJesu indlela yokunombola amanga ngukwazi iqiniso .Indlela yokuqaphela amanga ,ngukumlalela ,ukumukela izifundiso zakhe ,ukuzithobela izifundiso zakhe .
Ngoba uSathane uyaqinisekisa ukuthi umhlaba ugubuzelwe ngamanga.Kodwa lawomanga aya ngokuya eba sobala futhi nokuwahlukanisa maye vela ,ngesikhathi iqiniso likaJesu ligcwalisa inhliziyo yakho .
Landela uJesu.Mukela ulandele izifundiso zakhe .Nakanjani uyobe sewulazi iqiniso ,futhi iqiniso liyokukhulula .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.