... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indlela Yokunqoba Ukuntenga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Joshuwa 1:9 Angikuyalile na? Qina ume isibindi ,ungesabi ,ungabi naluvalo ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona .

Uma izimo zisichathamela ukukhiqiza esinye salezozivunguvungu kanye  ezisuke zisho ukusichitha zisiqede nya ,kuye kube sengathi hle hle imizwa yenhliziyo yethu nayo ivunguza kunye nazo ,ukuze yenze izinto zedlulele .Usuke ukuqaphele lokho ?

UNkulunkuklu unendlela yokuhlekisa .Ekuseni ebengilungiselela ngalo lenkulumo bengibhekene nesimo esimanzonzo ebesisho ukuqhobozela iministry yethu.Futhi ncimishi njengawe ,imizwa yenhliziyo yami yenze izinto zibukeke zingokudlangile .

Ngingumholi ,ngingumuntu bonke abantu ababheke kuye uma izinto seziqina satshe .Ngingumuntu  ongamelwe olwakhe ukholo luntenge .Ingcindezi isuke ithi ngila ngalowomzuzu kodwa ngiyazi ngibile kulesisimo naphambilini .Kunesibhalo esingamandla nodondolo lwami ezikhathini ezinjalo kanye :

Joshuwa  1:9 Angikuyalile na? Qina ume isibindi ,ungesabi ,ungabi naluvalo ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona .

Ngamazwi lawa alethwa kuJoshuwa ,emva nje kokufa kukaMose ,esikhathini la okwakumele athathe khona induku yokuhola isizwe sika Israel alwe izimpi emva kwezimpi ukuze azuze izwe uNkulunkulu alithembisile ku Abhrahamu kumakhulukhulu eminyaka edlule.

Kwakuyisikhathi esesabekayo ,futhi kulesosikhathi kuba nemizwa emibili ezama ukusilawula .Ukwesaba nokuntenga .Yeka ingxubevange engawushevu mase ihlangene .Ukwesaba yilokho kanye esiba nakho .Kodwa ukuntenga –lowomuzwa kanye wokuqhaqhazela uma izinto zingahlangani ngendlela ebesihlele ngayo siyethemba-kuvese kufane nefu lomaskito lisincinza umzimba  wonke ,elichitha ukuthemba kwethu kuNkulunkulu .

Kulokho kanye ,lalela sihlobo sami ,qina ume isibindi .Kanjani ? Ngani ?  

Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona .!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.