Induduzo KaNkulunkulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 55:22 Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho ,uzakukuphasa ,akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe .
Ake ngikubuze lokhu.Yimiphi imithwalo oyithwele emahlombe akho njengamanje ? Yiyini le ekudonsela phansi ,uma singabeka kanjalo? Iyini into eyodwa empilweni yakho ongaphila ngaphandle kwayo ?
Kwesinye isikhathi kuba wukucikeka okuyisimbelambela okusihlaselayo ,kwesinye isikhathi kube ngukwengameka okuyisivunguvungu esinamandla .Senze njani-ke lapho ? Sikhala kuNkulunkulu .
Nkulunkulu …guqula lokhu ,lungisa lokhu ,kwenze kuhambe Nkosi ! Nkosi kungani ungangilalele? Kungani kuthatha isikhathi eside ?
Nebala kuyimvelo ukufuna ubuhlungu buhambe .Kodwa kwesinye isikhathi ubuhlungu buyithuluzi elisemqoka ezandleni zikaNkulunkulu oluthando .Mhlawumbe indlela engcono ukukwazi ukubhekana nalokhu kungaba ….
Amahubo 55:22 Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho ,uzakukuphasa ,akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe .
Ngamanye amazwi ubhekene nomthwalo [ngokwamagama ngqo achaza lo owunikwe nguYe -awukucabange nje lokho!] sinokukhetha okubili .
Singacela uNkulunkulu awususe ,kodwa manje lokho kungase kwenzeke kungabi yintando yaKhe ,kumbe kusengaba noma kungabi yisikhathi esifanele salokho .Kumbe okunye okwehlukile kungaba wukuphonsa sibuyisele kuYe umthwalo asinike wona .LoNkulunkulu ,kuYe engekho into enkulu .LoNkulunkulu okuthanda ngaphezu kokuba amagama ubengachaza ,oyokunakekela ,ongayikuvuma ukuba wengameke ugubuzeleke .
Umshumayeli owabe eyisihlakaniphi esase sikhulile ogama lakhe ngu S.H.B Masterman wake wathi Imvamisa uNkulunkulu usiduduza ,hhayi ngokuguqula izimo zokuphila kwethu ,kodwa ngokushintsha i-attitude yethu ngazo .
Kwesinye isikhathi isizathu kanye ukuba asiphonsele lowomthwalo emahlombe ngukusiguqula okungakhona ukwenzeka kuphela ngomthwalo asinika wona .
Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho ,uzakukuphasa
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..