... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhula Ekuqineni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 31:24 Qinani ,inhliziyo yenu ibe nesibindi ,nina nonke enethemba uJehova!

Listen to the radio broadcast of

Ukukhula Ekuqineni


Download audio file

Kaningi ningi ebhayibhelini siyatshelwa ukuqina .Yebo kuhle lokho .Kulula kuNkulunkulu lokho ukukusho kodwa ngakube uyalazi utaku esibhekene nalo thina la kwamhlaba ? Ngakube uyazi ukuthi luzwakala kanjani ?  Qinani .Ngempela? 

Ngaphandle kwe study room sami kunesihlahla eside .Side ,sinesiqu esikhulu .Siyamangalisa ,kodwa ngiyakutshela wena makuke kwafika isivunguvungu usithola siya le siya le siya le ngenxa yomoya onamandla ,qede ubona kuklubuka amagatsha .Ukuthi kwenziwa yini sona  isiqu uqobo singawi ,angazi kungani .

Futhi manje khona kunjalo uthola ukuthi lesihlahla saqala sisncu kuyinto ongayigxoba kube sengathi uzigxobela ihlamvu nje .Kodwa emva kweminyaka sesikhule sangaba side nje kuphela kodwa sesiskhulu ngokwesiqu ,saqina ngokumangazayo .

Ngamanye amazwi kuthatha isikhathi ukwakheka kokuqina .Ngiyazibuza ukuthi engabe usuke engaqondile lokho yini uNkulunkulu uma ethi : 

Amahubo  31:24  Qinani ,inhliziyo yenu ibe nesibindi ,nina nonke enethemba uJehova !

Sibonile izolo ukuthi leligama elithi ‘ukulindela’  ngokomsuka wesiHebheru  lichaza ukulindela ngokubekezela ngesineke ,ubhekile okuzokwenzeka ,wethemba eNkosini.

Kodwa phezu kwalokho ukulinda kuthatha isikhathi .Kwesinye isikhathi  kusibiza ukulinda usuku lonke kumbe isonto eliphelele .Kwezinye izikhathi isenza silinde izinyanga  ngisho iminyaka imbala ,silanda isibindi kuYona .Futhi ngesikhathi sisalindile kuYona  silanda isibindi ,isuke ikhulisa ukuqina kithina .Asiye singakuqapheli lokho ngesikhathi kwenzeka ,kodwa yilokho kanye okwenzekayo . 

Ngakho lusuku lumbe uma abantu bephenduka bekubuka  okuthi mabekubheka babone owesilisa noma owesifazane onesibindi . 

Ungalahli ithemba ,lindela uJehova  ubambe isibindi saKhe .Usemsebenzini wokukuqinisa .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..