Inhlakanipho Eyimfashini Endala (1)
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KuThithu 2:1,2 Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni.
Sewake wathatha incwadi endala ,uthi mawuqeda kuyithatha qede uyifunde ,uzizwe usuthi ,ey cha iyisidala ,yimfashini endala le ? Leyondlela yezinkambiso zakudala ,leyondlela umhlaba owawuyiyo ngalezonsuku zakudala … kubukeka kungasangeni ekuphileni kwesimanje uma ubuka umhlaba esiphila kuwo !
Dukuduku ubona kukhona o-poster i-ad yephephandaba elidala ayifake kwi -social media ,mhlawumbe ikhombisa indlela abantu ababebuka ngayo iqhaza lowesifazane eminyakeni yo 1950’s.Indawo yabo yabe isekhaya ,be cleaner ,bepheka benaka becenta igceke .Kulezinsuku akuselula ukuthi ulokothe ungumnikazi wephepha kube yiyona nto ongayibhala ngomuntu wesifazane lutho!
Futhi ngokufanayo ,indlela iBhayibheli elibuka ngayo iqhaza lobulili bobubili ngokuhlukene kubukeka kuyinto ephikisana ngamalengiso ,kunalokhu okubukeka kuyinqubo ejwayelekile yesimanje kuleminyaka esikuyo .
Ngakho namhlanje ,nasezinsukwini ezimbalwa ezizayo ,sizolokhu sibuka “inhlakanipho eyimfashini endala” ,uma ngingayibiza ngalokho ,mayelana neqhaza lowesilisa nowesifazane emhlabeni wesimanje ,asiqale ngalokhu:
KuThithu 2:1,2 Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni.
IBhayibheli eliyikho ,isikakhulukazi ngukuba yincwadi yezinto eziphathekayo futhi lokhu uPhawuli akushoyo la kwithwasa lakhe kwi ministry uThimothewu ,ngukuthi makafundise wonke umuntu ukuphila ngokweZwi likaNkulunkulu .
Okusekuqaleni kuloluhla ngokokuhambisana kwalo ngononina ,ngabantu abasemqoka kakhulu kunabo bonke abanye ,amadoda amadala .Kungani ? Ngoba umsebenzi wamadoda amadala ngukwenza impilo yesibonelo okungabukwa kuso .Ngamanye amazwi iqhaza lawo lisobala ngukuba ngama role model ,ngikholwa ayezwa amadoda amadala.
Madoda amadala ,abantu bayanibuka ngakho lalelani leliqhuzu leseluleko esiyimfashini endala .Zithibeni .Yibani ngaba serious ,abahlakaniphile futhi nibe mandla kulezingxenye ezintathu –okholweni ,othandweni nasekubekezeleni .Abantu bayanibuka –abantu banibhekile .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.