Inhlakanipho Eyimfashini Endala (2)
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KuThithu 2:3,4 Kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle, ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo
Noma yiyiphi i-psychologist iyokutshela ukuthi , nakuba kuneslovela esikhulu esixovwayo nesifunzwa abantu kwizingxenye eziningi zomhlaba mayelana ngobulili , noma kunjalo kunezisekelo eziqinile nomehluko onamandla phakathi kwabesilisa nabesifazane .
Izolo siqale loluchungechunge lwethu lohlelo olukhuluma ngenhlakanipho eyimfashini endala ngamaqhaza ahlukene ,kwabesilisa nakwabesifazane emphakathini nasemindenini ,ngokweZwi likaNkulunkulu .
Siqale ngamadoda amadala ,okungokokuthi njengokuba engama role model emphakathini ,amelwe ukuzithiba ,serious ,ahlakaniphile naqinile okholweni ,agcwele uthando nokubekezela .Kunzima ukukuphikisa lokho ,ngakho sithini ke namhlanje ngabesifazane abadala bona ? Bamelwe ukuphila kanjani bona ?
KuThithu 2:3,4 Kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle, ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo
Omunye womehluko omkhulu phakathi kowesilisa nowesifazane ,ngukuthi owesifazane usemathubeni amaningi okuhleba ,ikakhulukazi abesifazane abadala ,abanesikhathi sonke sokunaba abangasaxinwe yimpilo .
Kodwa besifazane abadala ,lalelani lokhu .Akukhona lokho enibizelwe ukukwenza . Futhi anibizelwe ukuhamba nivula indlebe kuzo zonke izindaba ngenxa yokuba nesikhathi esiningi .Ngoba abesifazane abadala [uma kunguwe lowo mlaleli] banomsebenzi abamelwe ukuwenza ;ukufundisa omakoti ukuthi bathande kanjani abayeni babo .Nibafundise ukuthi bakhulise kanjani izingane zabo.
Konke lokhu kusengengezwakale ku-political correct kodwa ngeshwa kunzima ukukuphikisa . Futhi ikakhulukazi uma uzobuka ngeso lezinto abesifazane abancane okumele bachushe bazisebenze kuzo kuleminyaka esikuyona , lokhu akubukeki kuyisidingo noma kusemqoka ngokwesikhathi sanamhlanje .
Mlaleli angikutshele ukuthi inhlakanipho kaNkulunkulu akukhona kuphela ukuthi inamandla kodwa iguqula impilo yomuntu.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.