Inhloso kaNkulunkulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Numeri 6:22-27 UJehova wakhuluma kuMose wathi : “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe uthi: ‘Niyakubusisa kanje abantwana bakwa Israel ,niyakusho kubo nithi : “ ‘uJehova makakubusise akulondoloze ;uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho ;abe nomusa kuwe .UJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,akuphe ukuthula’”. “Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa Israel mina ngibabusise”
Umdla wokukwazi ukuhlukanisa kahle inhloso yomuntu usemqoka . Ngoba akuwona wonke umuntu ovela engokuthile osuke eyikho ngempela .
Akuwona wonke umuntu othembise okuthile ogcina ekwenzile lokho .Umhlaba esiphila kuwo unjalo nje .
Uzakwethu uthi ngamhla ebonana nensizwa eyabe izoba ngumkhwenyana wakwayo uthi i-network yakhe yayiqinile ukuqaphelisisa ,lomlisa owagcina esengumkhwenyana nebala abanezingane ezimbili nondodakazi wakhe manje .
Besahalangana babesebancane futhi kungazeki ukuthi ekaze lomshado uzokwenzeka ngempela nokuthi bazokwazi yini ukuba ngabazali nabo ngokwabo kusasa .
Uthi uzakwethu waba neso elibukhali ukubheka ukuthi ngakube lensizwa yayizoba naso yini isineke sokuphatha kahle indodakazi yakhe .
Yilokho kanye bonke obaba abakwenzayo makufuna umuntu ofuna ukuganwa yindodakazi ,uthi uzakwethu ngomusa omkhulu lomlisa waba ngumkhenyana ononakekelo oluhle endodakazini yakhe kuze kube namhlanje .
Ngakho ake sithio ukubuyela emumva ngamagxathi ambalwa .Yiziphi izinhloso zikaNkulunkulu ngabantu bakhe ,ngathi ? Endimeni eyinhlabamxhwele ,futhi evelele ,wayala uMose ukubusisa abantu bakhe ngalendlela …
Numeri 6:22-27 UJehova wakhuluma kuMose wathi : “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe uthi: ‘Niyakubusisa kanje abantwana bakwa Israel ,niyakusho kubo nithi : “ ‘uJehova makakubusise akulondoloze ;uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho ;abe nomusa kuwe .UJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,akuphe ukuthula’”. “Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa Israel mina ngibabusise”
Ungalenzi iphutha ukhohlwe ,inhliziyo kaNkulunkulu ,ukushisekela kwakhe ngukukubusisa phezu kokuba amazwi ubengachaza nkashana usakhula ekumazini .Izinhloso zikaNkulunkulu ngawe zinhle .Zinhle kakhulu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.