INkosi Ethobekile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Zakhariya 9:9 Thokoza kakhulu ndodakazi yaseSiyoni ;jabula nokujabula ndodakazi yaseJerusalema bheka iNkosi yakho iza kuwe ilungile inensidiso,ithobekile ikhwele imbongolo ,ithole ,inkonyane yembongolokazi .
Nakuba inkululeko akulona igama esivamisa ukuzihlanganisa nalo ngoKhisimusi ,leliphuzu kanye lokuthi liyindikimba yendaba kaKhisimusi .
Ezinsukwini mumva le ngesikhathi uJesu ezalwa ,abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo ,babenakho konke kodwa base bekukhohliwe ukuthi kwakunjani ukubuswa yiNkosi enothando ezothile .
Kungenzeka ukuthi kulezinsuku sikhalaze siteteme ngohulumeni abasibusayo ,kodwa mumva le u-Israel wase uneminyaka uphethwe ngondlovukayiphikiswa ,Ngesikhathi uJesu ezalwa kwabe kusesihlukwini sombuso wamaRoma ,kuphinde kuhlangane nokubuswa nguHerod owabe echachaza phezu kwamakhanda abo umathanda .
Kodwa kumakhulunyaka aphambilini,umphrofethi uZakhariya wabe ebikezele ngokuza kwenkosi ehlukile :
Zakhariya 9:9Thokoza kakhulu ndodakazi yaseSiyoni ;jabula nokujabula ndodakazi yaseJerusalema bheka iNkosi yakho iza kuwe ilungile inensidiso,ithobekile ikhwele imbongolo ,ithole ,inkonyane yembongolokazi .
UJesu wabe nebala eyiNkosi ehlukile kakhulu kwa -Israel .WayeyiNkosi enhle ,ethobekile .Akusikho nje kuphela ukuthi wafika kulomhlaba ngestebela esiphansi sezinkomo eBhethlehema ,kodwa eminyakeni engamashumi amathathu waphinda futhi esebheke ekufeni kwesiphambano ngenxa yabantu abanjengami nawe ,wagibela imbongolo ephansi – ethobekile .
Futhi uma simenza iNkosi ,enguSomnini wezimpilo zethu ,esikutholayo sithola inkululeko .Inkululeko ekubusweni yingcindezelo yesono .Inkululeko emangeni akulelizwe . Inkululeko yokuba sibe yilokhu afuna sibe yikhona ngenxa yokunqoba asizuzela khona .
UJesu iNkosi enhle ,iNkosi ethobekile ,weza ukuzokusindisa akukhulule .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..