... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhumbula Abathandiweyo Bethu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 27:10 Ngokuba ubaba nomame bangishiyile kodwa uJehova uzokungamukela

Njengoba kungesensuku ngaki singene kuKhisimusi  kulelisonto,abanye abantu sebelangazelele isikhathi esimnandi bewugubha bengumndeni ndawonye .Abanye abalangazelele kakhulu .

Namhlanje udadewabo womunye wozakwethu bekuzobe kugujwa i-birthday yakhe ,kodwa ngeshwa washona eminyakeni emibili edlule ngenxa yesifo esabe sesimudle isikhathi eside . 

Ngakho  namhlanje empilweni  yalozakwethu ekunye nomamawakhe wusuku olumuncu lolu ,njengokuba  becabanga bekhumbula kakhulu udadewabo  u-Cori .Futhi ngesikhathi begubha ukhisimusi njengomndeni bazomkhumbula kakhulu  ,begcwele ukudumala ezinhliziyweni .

Kuliqiniso lokhu kwabaningi futhi .Mhlawumbe ngukushona kothandiweyo wabo,kumbe umndeni uhlukene .Kwabanye kuzobe kungumzwangedwa omkhulu ngesikhathi begubha uKhisimusi .Ngakho u akukhona ongena  kukho kosengikuphawulile ,ngithanda ukukucobelela  leliZwi namhlanje : 

Amahubo 27:10 Ngokuba ubaba nomame bangishiyile kodwa uJehova uzokungamukela

Abukho ubuhlungu  obukhulu bokushiwa obungaphezu bokushiwa  ngabazali bakho .Nokho umbhali wamahubo  uthi nakuba lolusizi lumehlele  ,uJehova uzomgcina Yena .

UJesu uyakukwazi lokhu  .Ngesikhathi elenga esiphambanweni ,wayelahlwe yibo bonke abantu ;umndeni ,abangani ,ngisho nanguBaba waKhe osezulwini ngesikhathi ubudlelwane babo baklayeka bamaklebhuklebhu  ngenxa yezono zami nezakho. 

Lowo Jesu nguJesu kanye lowo owakuhluphekela  ,nguJesu lo okuzalwa kwakhe kuzogujwa  ezinsukwini ezimbalwa  – lowoJesu nguJesu kanye ozoba nawe ,kungakhathalekile noma ngabe ubani onesizungu sakhe omkhumbule empilweni  yakho. 

NguJesu ongowakho lo.Yebo iZwi likaNkulunkulu ligcwele induduzo ,ukusiqinisa ,izethembiso kanye namandla  ,kithi ngamunye .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..