INkosi yethembekile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KwabaseThesalonikha 3:3 Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
Izolo ngithe jwaphu ukunicobelela ngokumbalwa okuyingxenye yomsebenzi wokukhiqhiza lengosi yedevotion usuku nosuku nokuba ikwazi ukuphuma ifinyelele kwizigidi ngezigidi zabantu emhlabeni ngezilimi ezahlukene bayibuke ,bayilalele kumbe bayifunde izinsuku zonke .
Manje ,lokhu angikucobeleli khona ngoba ngikwenzela ukukukhombisa sibahle kanjani ,cha .Lutho sanhlobo ! Nathi sinawo amaphutha esiwenzile emsebenzini . Kodwa ukuzibonga kwethu kuseNkosini ,ngekwenzile nge-FRESH,kodwa futhi ngokusemqoka kakhulu ngokokuthi yikuphi engakwenza empilweni yakho .
2 KwabaseThesalonikha 3:3 Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
Manje bewumelwe ukuzibuza ukuthi kungani lelivesi liqala ngegama elithi “kepha ”? Yebo,yingenxa yalokho uPhawuli akubhalile evesini elingaphambili mayelana nomsebenzi wakhe wokumemezela izindaba ezinhle zikaJesu emhlabeni wonke owaziwayo :
2 KwabaseThesalonikha 3:2 , sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini, nokuba sikhululwe kubantu abadukileyo nababi; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke.
Ngeke ukukholwe lokhu ,kodwa kuvume . Lelithimba elincane le- Christianityworks elikhiqhiza lengosi yama devotion e-Fresh eza kuwe nsuku zonke ,isibhekane nabelene nayo nekwenzayo ngokwezinga eliphezulu – ukukhashelwa kwamanye amazwe ,ingozi ,ngisho ukukhishwa inyumbazane ,ukuhlaselwa okuvela esitheni .
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
Futhi ngivumele ngisho ngengaphakathi lami lonke ,ukuthi lokhu kuliqiniso elimile nakweyakho impilo .Noma ngabe ubhekene nobutha obungakanani nobunzima ophakathi kwabo njengamanje ,noma ngabe kubukeka kunzima kangakanani njengamanje …. Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
Kunamandla aseZwini likaNkulunkulu.Amandla okunqoba omubi .Amandla okunqoba abamelene nevangeli .Amandla okukhula ngentobeko nobungcwele .
Ayibongwe iNkosi esinqobisa ngevangeli!
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.