Iqhuzwana Nje
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
EkaJakobe 5:10,11 Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela. Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.
Impumelelo ,yigama sonke esithandayo ukuligona .Phela ekugcineni kosuku ngubani ongafuni ukuphumelela ,kunoma yini ayithinta ngesandla sakhe .Kodwa nakuba kuhalisana ukuphumelela kodwa kuphinde phakathi kube nomqondo olihuha elikhohlisanayo .
Ngicela ungizwe kahle ,angisho ukuthi impumelelo iyinto embi ,cha luthi nhlobo ,ngokwayo ayiyimbi .Ngakolunye uhlangothi sisengalangazelela impumelelo ezintweni ezi wrong,ngezizathu eziwrong ,sikwenze konke ngendlela ewrong futhi . Yiyona ndlela leyo mina engaphila cishe ingxenye yonke yokuqala yokuphila kwami emhlabeni ,ngakho angikukhuthazi lokho.
Ngakolunye uhlangothi kuyinto enhle ukuzikhandla kanzima ngomsebenzi weNkosi ,ukulandela ubizo lwayo ,senza konke okusemandleni kithi sisesandleni saYo,emandleni aYo , ecebweni layo siveza inkazimulo yaYo.
Ake ucabange abaphrofethi beThestamente Elidala –Isaya ,Hezekeli noJobe nabanjalo –kulula ukucabanga ukuthi babenempumelelo kukho konke abafinyelela ukukwenza .Kodwa ake uthi ukucabanga ngalendlela umzuzu nje:
EkaJakobe 5:10,11 Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela. Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.
Ngamanye amazwi ‘impumelelo’ abanye abantu abayibona kithi yiqhuzwana nje lokubuka elincane .Mase udepha uthola ukuthi kubandakanya ukusebenza kanzima ,ukuphikelela ,ukusebenza ngisho ebusuku ,ukuziqeqesha ngokuziphoqa ,ukukhatshwa ngabanye abantu,ukuzinikela okunqala ,ukugxekwa ,ungabazane ,ukwehluleka ,nokuthatha ama risk .Yiyona ndlela impumelelo ebukeka ngayo eMbusweni kaNkulunkulu .
Kodwa khumbula ,ukuthi konke lokho kukhombisa ukuthi iNkosi igcwele isihawu futhi inezibele ngathi .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.