Isandla Esizokusiza
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 68:19 Mayibongwe iNkosi iyasithwala imihla ngemihla,uNkulunkulu uyinsindiso yethu.
Kuyachazana ukuthi sinomkhuba wokuhamba umgudu owodwa usuku nosuku.Indlela esibhekana nayo ngento ethile ihlale ingefanayo ,ngisho kungathiwa ayilethi mphumela ongcono.Ngisho kungathiwa leyondlela[response] igcina isiphetha kabi.
Uke waba sekunkuyankuyeni inkinga thizeni? Angazi ,mhlampe kungaba ukusebenza inkinga ethile,ukunqoba i-assignment ethile ,kumbe yi -meeting ebinzima idla ingqondo ,umsebenzi ,kumbe ukuyisa izingane esikoleni njalo ekuseni ,into nje oyenza izinsuku zonke ,kodwa uvese uthole ukuthi ngalolusuku ivese yabukhuni satshe ukwenzeka.
Kungani lokho? Kungani ngizishaya odongeni ngalendaba?
Ngicabanga sonke sesike saba kulesisimo .Uzithole ukuthi hhayi ke manje usudinga esinye isandla esizokulelekelela.
Kulezinsuku akwehli kahle kubantu uma befunda incwadi kaGenesise ukuthi uNkulunkulu wenza u –Eva ukuba abe ‘ngumsizi’ ka Adamu.Kulesikhathi nasezinsukwini esiphila kuzo ngamagama lawa angehli kahle kwabanye .
Manje kodwa uthola ukuthi lelogama elithi ‘umsizi’ lisebenza kaningi kabi kwi Thestamente Elidala ,liqondiswe kuNkulunkulu ndlelanye ngokokuthi ‘ungumsizi wethu’.
Amahubo 68:19 Mayibongwe iNkosi ! Iyasithwala imihla ngemihla,uNkulunkulu uyinsindiso yethu.
Ake ukucabange lokhu nje ,lakhona usuzishaya odongeni …ukwenza uphindelela lokhu! UNkulunkulu ulapho kanye, ukunye nawe ,ukulungele ,uzimisele futhi ukukusiza ,ngaleyonkinga kanye esikuxakile.Leyonto eyodwa nje esikusanganise ingqondo .Leyonto kanye engafuni ukungena emseleni.
Hhayi ukuthi ngezinsuku ezithile nje.Kodwa zonke izinsuku.
UNguNkulunkulu osisindisayo. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..