... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isethembiso Sokuthula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Izikronike 22:9 Bheka uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula ;ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke ,ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni ;ukuthula nokuzola ngiyakumnika khona u-Israel emihleni yakhe .

Ziningi izinto kulomhlaba ezithembisa okuningi , amacareer, impumelelo ,imali ukuzikhipha ,lolacekece lwemoto entsha ,ngisho lezacathulo ezintsha ceke ezingakaziwa ,kwabazithandayo yisibuko nobuso bayazi ke bona luthini udaba .Kodwa ekugcineni kosuku akukho nokukodwa kwalokho okungakunika ukuthula .

Ukuthula yinto esiyilangezelelayo ezimpilweni zethu ngabanye .Ubani ongathi yena ufuna udweshu? Ubani lo ongafuna ukuphila impilo enomuzwa ongehli kahle ? Ubani ofuna ukuphila ngokuqagela ukuthi konje izindleko zakhe uzozikhokha kanjani ,kodwa kusasa lizobekwa kanjani ibhodwe eziko ? Yebo ukuthula kulinani elikhethekile .

Futhi njengokuba ingcebo ithembisa ukuthula nokunethezeka njengokuba umgqumo usho njalo kosaziwayo bakumabonakude ,abamculo  nakumashashalazi ehlukene –zinyembezi zenkawu –isithembiso esingekho leso .

Ukuthula yinto ekhethekile okungakho uNkulunkulu elokhu ekuthembisa abantu bakhe ngokuphindaphindiwe eZwini lakhe .Lapha simthola ekhuluma nenkosi uDavide ngendodana yakhe uSolomoni . Ozohlala esihlaweni sobukhosi buka Israel emva kwakhe :

1 Izikronike  22:9 Bheka uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula ;ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke ,ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni ;ukuthula nokuzola ngiyakumnika khona u-Israel emihleni yakhe .

Esizweni esesibe nezimpi eziningi ,ngisho kumuntu onjengoDavide okwaziwayo ukuba andukuba ahlale esihlalweni wabe eliqhawe lempi … isethembiso sokuthula sasibukeka  siyinto engenakwenzeka .

Kodwa ungalenzi iphutha sihlobo sami loNkulunkulu okuthanda phezu kokuba amagama ubengachaza ,ufuna ukukunika ukuthula .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy