Isibingelelo Esivela Ku-Sostene
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 1:1 UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane
Siphila emhlabeni othe njo amehlo kubantu abavelele ababuka kuhaleleke ukuba yibona , abaphumelelayo ,labo ababuke kahle beyizingqwele kulokhukuphila …..nkashana thina sonke abanye sibukelwa phansi .
Manje ngithemba ukuthi asilubekeli ukubonwa –phila impilo yakho kanjalo futhi uzozithola sewudansela isiginci sabanye abantu .Kodwa futhi ngakwelinye icala akumnandi ukunganakeki .
Abanye bathola konke ukubonwa okuvelele,kodwa uthole ukuthi akekho obukeka ekubona –amagalelo akho neminikelo yakho ,ukuzidela kwakho .
Kunomzalwane oyinhlabamxhwele eThestamenteni Elisha okhona kodwa iningi lethu elingamazi kodwa okhona ezwini .
1 KwabaseKhorinte 1:1 UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane
Ubani kwakhona uSostene ? Yebo ngokweZenzo 18:17, wayengumphathi wesinagoge eKhorinte ,owashawa yisixuku esasidiniwe phambi kombusi wamaRoma .Yilokho kuphela esikwaziyo ngaye .Futhi nakhu la esemthola khona manje [emva kwalesosimo esishubile] esemgwaqeni noPhawuli umphostoli ,omunye obekwe phambili eBhayibhelini .
Kodwa ngoba asazi kabanzi ngaye ,ngoba nakhu phela igama lika Sostene alidumile ,ucabanga ukuthi uNkulunkulu wayengamazi?
Ukuthi uNkulunkulu wayengaboni lokho ayehlupheka ngakho ,iqhaza ayelibambile ? Ukuthi akekho ebukhoneni bukaNkulunkulu njengamanje evuna izithelo zomvuzo wokuzidela kwakhe ?
Qha impela asibona abavelele emehlweni omhlaba .Sasivelwe singahlelelwe lokho .Kodwa lokho yinto engathi shu leyo kuJesu ayimncinzi kwakumncinza .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.