Isikhathi Sokulingwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 1:12,13 Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.
Nini nanini lakhona izinto zisicindezela –kungaba ngokwenyama ,imizwa yenhliziyo kumbe ngokomoya –uke ukuqaphele lokhu ukuthi isilingo sibukeka siza kuwe simafindofindo .
Kuba sengathi ukhona umuntu obazi ukuthi uyazabalaza kokuthile ,ngakho athathe ithuba ukukukhahlela ngesikhathi uphansi .
Isilingo ngesinye isihloko esibucayi.Asithandi ukukhuluma ngaso ,ngoba sesaba lokho abantu abangakucabanga .Kungani kunjalo ? Ngokungangabazi ngoba sithwala kanzima emqondweni wokuthi yithi sodwa esilingwayo kumbe esivivinywayo .
Kodwa lokho akulona sanhlobo iqiniso ;isilingo sisishaya sonke ikakhulukazi uma sixinekile ,ikakhulukazi uma ungumuntu ofuna ukuhlonipha uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yakho .Akekho noyedwa ongabaliwe kuso .Ngisho uJesu imbala .
NgokukaMarkhu 1:12,13 Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.
Izimo zokwenyama uJesu azithola kuzo zazesabisa.Ngokuphathekayo uMoya kaNkulunkulu wamphonsa ehlane ezilwaneni zasendle lakhona alamba izinsuku ezingu 40 nobusuku obungu 40 .
Wayebuthaka ,edledlezela ,ecindezelekile nhlazonke ….kwaba kulowomzuzu kanye lakhona uSathane eza ukuzomlinga .
Ngakube lendlela izwakala ijwayela ukuba njalo ? Futhi khona kanye kuleyondawo ehlasimulisayo ,uNkulunkulu wayenaye .Khona kanye lapho kulezozimo ezinzima ,nakuba ngokungangabazi wazizwa enomzwangedwa ,uYise wayeseduze ekunye naye .Futhi okwath ngesikhathi esiyiso, izingelosi zamkhonza.
Cha ,akuwena wedwa .Futhi awuwedwa nhlobo . Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.