Isilingo Sokuqala
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 4:1-4 Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.” Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
Isitha sakho uSathane sinomqondo wokuba nemikhuba ewukuganga eminingi . Ohlwini lwakhe owokuqala ophezulu yilo wokukukhahlela ngamhla ebona usesigabeni esintekenteke . Akulinde uze ube buthaka ube ntekenteke kweqe enhluphekweni obhekene nayo ,ebese ngalowomzuzu akuthembise iselapho esingamanga .
Inhlupheko akuyona into esingathi wonke umuntu uzifisela yona empilweni yakhe . Kodwa noma kunjalo dukuduku uyibona thushu nansi isiqhamuka ingamenyiwe . Inhlupheko enkulu engabhekana nayo empilweni yami ,iseminyakeni eminingi eyadlula lakhona ngazizwa ngokujulile ngingodeliwe ngilahlwe ngoseduze nami.Kwala kancane kube yisiphetho sempilo yami leso .
Kodwa ngigcine ngifike ekuboneni ukuthi kwabe kulithuba elihle kakhulu okwathi ngalo uNkulunkulu wangenza ukuba ngize kuYe . Yingakho enhliziyweni yami lesilingo sikaJesu esebuntekentekeni singena sigxile kimi.
NgokukaMathewu 4:1-4 Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Esezilile ukudla izinsuku
ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. Kwafika umlingi, wathi
kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.” Kepha waphendula
wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
Ngenkathi usenhluphekweni ,isilingo uSathane asilethayo ngesokuthi ukhawule lenhlupheko ngamandla akho.UJesu wayengakwazi ukuguqula lawomatshe awenze isinkwa ngenxa yobuthaka nokomelela yindlala ayesekukho esekudinga njenge –oxygen ukudla .
Kodwa kunalokho wakhetha ukuncika kuNkulunkulu ,eyame emandleni aKhe kunokuma ngawakhe amandla .Inhlupheko ngesikhathi ubhekene nayo ayiwakhi umqondo ,kodwa phakathi kuyo kanye sinenhlanhla yamathuba amakhulu okuphila kwethu .Ukuthemba uNkulunkulu.Ukuzwa ukuthembeka kwaKhe .Ungazephuci ngokuwela esilingweni lenhlanhla yalesisipho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.