Isithako Sokuthula (1)
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseKolose 3:12,13 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
Ziningi izinto empilweni yakho ezingakuphuca ukuthula kwakho .Kodwa ohleni phezulu ngezobudlelwane ezihamba zodwa .Labobantu abanzima .
Ungqubuzano .Inkemba noma umkhonto enhliziyweni kwezobudlelwane kungenjalo ukushawa esiphundu kungashiya ubhibha igazi enhliziyweni qede kufahlaze ukuthula kwakho .
Uyazi kuhamba kanjani .Uvuka embhedeni ugcwele izifiso ezinhle zosuku ,zokuphila entokozweni nasekuthuleni kweNkosi .
Kodwa umuntu wokuqala okhuluma naye kumbe imessage yokuqala engenayo …..ibhomu uqobo lwalo ! Qede kuphume ngewindi konke ukuthula kwakho .
Bengayenza kanjani lento kimi ? Ngimelwe ngukuhlonishwa .Ngizobakhombisa !
Ngakho usisebenza kanjani isimo esinjalo ukukwazi ukugcina ukuthula kwakho kweNkosi kulolusuku obunezifiso ezinhle ngalo ? Ngoba angikutshele ukufuna usekuphileni injabulo nokuthula kwakhe ,kungomunye wemihlomulo asipha yona .
KwabaseKolose 3:12,13 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo,
nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
Kuncike ekuphenduleni kwethu kulababantu abasiphuca ukuthula kwethu . Ngifanelwe ngokungcono ! Kodwa bekuzoba njani mangase kuthiwe besibe nenkambiso ehlukile kulababantu abafuna ukusiphuca ukuthula kwethu ?
yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane
Emva kwakho konke kungakanani ububele uNkulunkulu akukhombise bona ? Futhi kukangaki ekuxolele ?
nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
Umusa ,izibele ,ukuthobeka ,ubumnene,ukuthethelela …ukuthula
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.