... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isithako Sokuthula (2)

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:12-14 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Listen to the radio broadcast of

Isithako Sokuthula (2)


Download audio file

Nanti iqiniso elibabayo :inkambiso yakho kubantu   abalukhuni empilweni yakho  kungagcina ukuthula kukaNkulunkulu kumbe kukwephuce khona .

Cha ,phela ukuthula kwakho ukuqhubeka kwakho akumile ngokuziphatha kwabo .Kunalokho kumi ngokuthi wena uphendula kanjani ohlobweni lokuziphatha kwabo .Kuyahlaba khona kodwa kuliqiniso elimsulwa .

Lokhu kungenzeka kube yinto ofunayo kumbe ongafuni ukuyizwa .Kulula ukubhekisa umunwe kulaba baphucikuthula ;labo bantu ababukhuni  abankambo yabo  [esiphinde futhi] yakuphuca ukuthula nempilo yakho emnandi obuyiphila .

Futhi yebo bekufanale engabe baziphathe kangcono kunalokhu .Bebengamelwe ukwenza lokhu abakwenzile ukukuphuca ukuthula kwakho .Kodwa inkinga sebesenzile leso senzo ngeke usaliwayinda iwashi libuyele emumva .

Izolo sibone isisombululo sikaNkulunkulu sokuqala kukho konke lokhu.Kubuyela kulukho esengike ngakhuluma ngakho umzuzu nje odlule : inkambo yakho kubo [ngami futhi uma  ngingazibala nami] .

KwabaseKolose  3:12,13 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo,

nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,  nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu

enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. 

Esikhundleni sokukhutshwa kodwa inkambo yakho yomusa ,yezibele ,yentobeko ,yobumnene,yokuthethelela …ibuyisela ukuthula kwakho.

Kodwa kukhona into esemqoka kakhulu ,eyedlula zonke lezozinto ezinye ,into eyenza zenzeke kwasekuqaleni .

KwabaseKolose  3:14 Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.