Isithako Sokuthula (3)
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseKolose 3:15 Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
Usuku nosuku ake ngikubuze yini ephusha imicabango yakho ? Yini ekwenza wenze okwenzayo ;ube yilo onguye ?
Abantu abaningi uma bebezothembeka bebezothi …izimo zabo,abantu ababazungezile ,izindawo abazithola sebekuzo .Imvama siphenduka sibe yilokhu esiyikho ngokokuphendula ezintweni eziza kithi .
Akucabange ngalokhu uma ukhulele ekhaya elifudumele ,yebo elinabazali abahle [nakuba babengekho perfect] … nebala uzoba ngumuntu owehlukile kunomuntu obethathwa zihlobo akhuliswe yilesi asuke aye kulesi kumbe ekhaya lezintandane ,engekho umuntu onguye ngokumzala ukumnika loluthando .
Ndlelalnye nathi ebudaleni bethu kuba yizimo eziphusha ezenza uhlobo oluthile lokucabanga .
Umsebenzi omuhle ongacikizi uma kuqhathaniswa nokungasebenzi ;umshado ofudumele uma uqhathaniswa nokuhlukanisiwe kuwo ,ubudlelwane obuhle uma kuqhathaniswa nongqubuzano .Konke lokhu kunegalelo elikhulu ukuthi sigcina singabantu abanjani .
Kodwa ngakube kuyinto enhle ukuvumela izimo ,abantu ukuba babe ngabagwedli bempilo yethu ,kumbe ngakube ikhona enye indlela engcono ?
KwabaseKolose 3:15 Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
Asikuvume ukuthi impilo emnyango ingugingqigongqo .Iyehla iyenyuka .Kunezivunguvungu nokuzola okuthule kamnandi. Uyafuna ngempela ukuphila kulowogingqigonqo ? Cha !
Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu.
Futhi ngesikhathi ubhekana nakho konke lokhu empilweni yakho bonga ngezikhathi zonke .Ngoba Ukuthula kukaKristu , enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye
Ukuqhubeka kwakho usondela kuJesu kusikhathi sinye kwanda ukuthula kuwe .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.