Ithemba Elimsulwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KuThithu 2:13,14 Sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle. Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.
Abanye abantu banokuntenga kokuyingabaza impilo .Kungenzeka mhlawumbe lokhu kungaqondani nawe ,kodwa okusalayo phambilini sewuke waba kulesosimo ,njengami .Umbuzo ngukuthi ukuguqula kanjani lokho ?
Uyazi ungazithola uphila buthebelele emafutheni uqobo kodwa uthole ukuthi uxakwe ngumuzwa wokuphelelwa yithemba empilweni . Ngake ngaba kulesosimo ngiyasazi sasisho ukuyongithela eweni .
Ngakho uma singabala ngokwesikali sika 0 kuya ku 10 wena ungolahle ithemba kangakanani ? Usacabanga ake ngiphonse lokhu ze ngibone okucabangayo .
Noma ngabe siyakukhetha noma cha ukwenza okuhle usuku nosuku ,phezu kwayo yonke inkambiso esingawela ekuyiphileni kalula .indlela esiphila ngayo izimpilo zethu ,izoba nomthelela omkhulu ukuthi sizoliphila kanjani ikusasa lethu . Ucabanga kanjani ?
KuThithu 2:13,14 Sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle. Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.
Kwaqala kwaguquka konke kimi ngamhla uJesu esondela kimi sengiseweni lempilo futhi nebala ngaphendula kuye ngokholo .Kodwa akubanga luguquko olusheshayo ukusuka ku 0 kuya ku 10.
Kwakwenzenga igxathi negxathi ngesikhathi engibamba ngesandla usuku nosuku ,ekukhetheni okuhle esikhundleni sokubi . Luhambo lolo oluqhubekayo engisekulo nanamhlanje ?
Shlobo sami beka ithemba lakho kuJesu .Wafa ukuze akukhulule kukho konke okubi .Mvumele akuhlanzisise nokukuhola njalonjalo ekwenzeni okuhle .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.