Izingxoxo EzingoNkulunkulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Dutheronomi 6:4-9 Yizwa Israel :uJehova uNkulunkulu wethu ,uJehova munye . Wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho ,nangawo wonke umphefumulo wakho ,nangawo onke amandla akho .Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho. Ubafundise wona impela abantwana bakho ,uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho ,nalapho uhamba endleleni nalapho ulala ,nalapho uvuka .uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho,abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho . Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho .
Uma uhlangene nozalo noma nabangani ,nizihlalele nishaya inkomishi yetiye ,yikuphi enixoxa ngakho ? Ngiqonde ekutheni ,asithi nje abantu bokugcina basenkonzweni oke wathokozela ukuba ndawonye nabo kungonakele lutho ,yikuphi enanikuxoxa ,isihloko esasimatheni?
Ake ngikuphe umqondo ukubona okucabangayo .Kulula ukukhohlwa nguNkulunkulu ezingxoxweni zethu zemihla ngemihla . Sikhuluma ngalokhu nalokhuya – kodwa asikhulumi ngoNkulunkulu . Asibi nazo izingxoxo esizibiza ngezingoNkulunkulu.
Futhi lokho okuthi uma kuqhubeka kwenzeka kusikhathi sinye sibanjwe kwimanje … kusikhathisinye sikhohlwa ngukuthi umangalisa kangakanani uNkulunkulu , silibale ukuthi loNkulunkulu nguYe oliqhaza elikhulu lalokhukuphila kwamanje nokuzayo . Mhlawumbe kungakho ngoMose wanika abantwana bakhe lomyalo :
Dutheronomi 6:4-9 Yizwa Israel :uJehova uNkulunkulu wethu ,uJehova munye .Wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho ,nangawo wonke umphefumulo wakho ,nangawo onke amandla akho .Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho. Ubafundise wona impela abantwana bakho ,uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho ,nalapho uhamba endleleni nalapho ulala ,nalapho uvuka .uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho,abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho .
Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho .
Ngesikhathi usakwehlisa ukuthi uthini uNkulunkulu manje ,zibuze kungena kanjani kokulana eduze nemanje lempilo yakho? Ngokwemicabango yakho kungakanani ukuxoxa ngoNkulunkulu ezingxoxweni zakho ?
uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho ,nalapho uhamba endleleni
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..