Izinkinga Maziphenduka Izimangaliso
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 2:1,2,3 Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu. NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.
Impilo isikakhulu ingokwenza into eyodwa ulokhu uyiphindelela . Njengokuba omunye obengicwecwa engikhulisa ubevamise ukuthanda ukuthi athi kwezinye izinsuku umelwe ukudonsa kanzima wenzela uNkulunkulu ,kodwa dukuduku uzithola usuzingqubuza odongeni .
Manje wenzenjani uma lokho kwenzeka ? Futhi kungabi yizinto ezinkulu ezenzekayo ngokwemvelo kodwa inkinga ethile futhi ongazitsheli ongaboni ukuthi uNkulunkulu unakho nokuyinaka kwakhona .Kwakunjalo ezinsukwini zikaJesu .
NgokukaJohane 2:1,2 Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu.
NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.
Yeka ukufakeka emahlonini ! Ukushodelwa yiziphuzo emshadweni .Futhi uma uyazi lendaba ,futhi uJesu ngokwakhe akaveli engumuntu oyinaka kwakuyinaka lenkinga ,kodwa njengomfana omuhle wenza lokho unina amcela ukukwenza .
Futhi kuyangimangaza ukuthi akaguqulanga amanzi nje ayinkeshezana aba liwayini kodwa ama galani abalelwa la ko 150 !
Ziningi izifundo ongazifunda lapho ,yikuphi okufunda kulesimangaliso esinamandla kangaka? Nakhu mina engikufundile .Zonke izimangaliso ebhayibhelini zonke zaqala kuyinkinga .
Qede uNkulunkulu angenelele ngomangaliso lwakhe okuguqula okuyimvela ngokokumbulwa kwamandla akhe nenkazimulo .
Ndlela zonke mjulukele uNkulunkulu .Kodwa akuthi mase uzithela kulezozindonga ,leyonkinga engalungisengi futhi ebukeka ngokwemvelo ingenasisombululo ,mtshele uJesu ukuthi sewuphelelwe kanjani yiwayini ….qede bese ubuka okuzokwenzeka !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.