Izinsuku Zika-mina
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KuThimothewu 3:1-4 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi,nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,
Ukuziphatha kwabantu kulezinsuku kubukeka kuya ngokuya kudlanga.Egameni lelungelo ‘lami’ ,ohulumeni abaningi emhlabani bagunyaza ukuhushulwa kwezisu esikhathini kusuka ingane imumethwe esbelethweni kuze kube isizozalwa.Kuyikho ngempela lokho? Kubukeka sengathi ifu lobumnyama ligqungqe lamnyama kakhulu lisibekele kwasani.
Ake ume nje ucabange ngalokho.Ukucucuza izicucu umzimba wengane ephilayo, ezinkundleni zezinkantalo eziningi kubukwa njengokusemthethweni ,ngenxa nje yokuthi ingane isesebelethweni sikaMama.Njengokuba ukubona kwenzeka ezweni lakithi ,nakwamanye okungakaqali kuwo kuyanyelela nakhona .
Futhi ukuhushulwa kwezisu akusikho kuphela .Kunobubi obunye obuningi osebuphenduke banjengempilo eyejwayelekile oze ungakukholwa ukuthi kuyenzeka ngempela .Kungani uNkulunkulu evumela lezizinto ukuba zenzeke? Yebo ,yingoba okokuqala kuYe akuyona i-surprise :
2 Thimothewu 3:1-4 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu
bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi,nabangazithibi,
nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,
Kungani lezizinto zenzeka? Yingoba ngezindlela eziningi [futhi wuhla nje oluncane olubhalwe lapha] sesiphenduke abazithanda bona esikhundleni sokuthanda uNkulunkulu .Siphila esikhathini sikaMina nomoya wokuziphatha ophakemeyo wokuzicabangela wena kuphela okuyiwo oyisizathu salomdushulo wokufuqwa kwalobubi .
Yebo ,manje okucaca ukuthi mina nawe ngeke sikwazi ukuguqula lomhlaba wonkana.Thina ,ngokwethu ngeke sikwazi ukumisa ukuhushulwa kwezisu kumbe ukudayiswa kwabantu benziwe izigqila kumbe nanoma yiziphi izinhlupheko ezibuhlungu ezenzekayo kulesikhathi esikuso .Kodwa singaqinisekisa ukuthi asiyona ingxenye yakho.Singaqinisekisa ukuthi asibona labo bantu abayimbangela yokuletha ukunsonsotha nokucwila kwezinhliziyo kulesikhathi.
Ngokwenzenjani? Ngokuba ngabathandi bakaNkulunkulu singabi ngabazithanda bona .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..