... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umthetho Wenkululeko

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:25 Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe,kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.

Listen to the radio broadcast of

Umthetho Wenkululeko


Download audio file

Inkululeko ichaza ukukwazi ukwenza  noma yini oyithandayo  ,noma nini uyithanda ,kunjalo? Ingani phela yilokho  bandla esasikucabanga ngesikhathi sikhula .Kodwa ekukhuleni kwaya ngokuya kucaca ukuthi ayikho inkululeko ekhona ingekho imingcele ,izinqubo,nemithetho ethile ngayo.

UJesu weza ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa ,ukubona kwabangaboni ,unyaka omuhle weNkosi .Kahle hle wathi ngaYe :

NgokukaJohane 8:36 Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.

Umphsotoli uPhawuli ukubeka ngalendlela :

KwabaseGalathiya 5:1 UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko….

Kwamnandi lokhu ,nansi inkululeko ekugcineni.

Kodwa bangaki kithi abasulelwa  ama-slate abo aba clean ngokukholwa nguJesu ,ebese baphinde babuyele emumva beyokwenza into efanayo ? Njengesigebengu esikhishiwe ejele ,kodwa uvese uthole ukuthi siphumele ukuyokwenza obunye ubugebengu .Okungakho kulelovesi kanye uPhawuli engeza ethi …..

KwabaseGalathiya  5:1 … ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

uJakobe umfowabo kaJesu yena ubeka ngalendlela :

EkaJakobe 1:25 Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe,kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.

Umthetho o-perfect wenkululeko yiZwi likaNkulunkulu ,uNkulunkulu ekhuluma inhlakanipho yakhe ,uthando lwaKhe nokulunga kwaKhe  ezimpilweni zethu.Uma thina singenza okukodwa ,ukulalela phaqa akusikho nje siyakukhohlwa akushoyo  kodwa siyolahlekelwa yisibusiso  lesi kanye uJesu eza ukuzosithulula kithi. 

kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.

Ngakho kula ukuzikhethela : ziqhubekele esonweni sakho bese ubhekane nomphumela ,noma umukele iZwi likaNkulunkulu ,ulifake enhliziyweni ,uliphile ……bese uyabusiswa yiNkosi ngokulalela kwakho .Inkululeko.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..