Izixuku
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 3:7,8 UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye.
Kunesizathu sokuthi imithetho yezenkolo izwakale iyigebe lomgodi elihelezayo futhi kube sengathi i-meaningless.Yingoba injalo.UJesu weza ,ngokwamazwi aKhe ,ukusikhulula .Futhi okuthi uma esikhulula siba ngabakhululekileyo impela.
Ngiye ngihlale ngibambeke ethunzini lokuphikisana okuphakathi kwemithetho yezenkolo ngakolunye uhlangothi ,kanjalo noqobo loNkulunkulu womusa nezibele owathumela iNdodana yaKhe ukuba ihlushwe ngexa yabantu abanjengami nawe .
Ngeshwa ,akudingi ukuthi uze uqalaze kude ukucinga inkolo eqhuba ngomthetho.Iyinto eqhoqhobala icindezele abantu umhlaba wonke.Bese kuthi khona manjalo uJesu umi Yena engohluke kakhulu ocindezelweni olulethwe yinkolo kulomhlaba ,ezimpilweni zabantu abayizigidigidi ,iminyaka ngeminyaka eyadlula.
NgokukaMarkhu 3:7,8 UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye.
Isixuku esikhulu singihlaba umxhwele singenza ngizibuze .Ake nawe ucabange nje ngalokho.Bonke lababantu babekholwa nguNkulunkulu babeya njalo enkonzweni eSnagogeni kumbe eThempelini njalo ngamaSabatha.Kodwa uthola ukuthi bashiya konke emumva ,bahamba amabanga ngamabanga amade ngezinyawo ezintabeni nasezimfundeni, konke ngenhloso yokulandela uJesu .Isimangaliso leso !
Futhi ngicabanga ukuthi yikho kanye lokho.Thina singabantu siyazazela ekujuleni kwezinhliziyo zethu uma lowomuntu esuke ewungqo engesiye umbombayi.Nebala lobuqiniso bokuthi ungungqo uJesu,izimangaliso,ukuphulukisa,neqiniso eligeleza kuYe uJesu,okuwuhlobo lwento ongayitholi emathuneni acakiwe emiqathango yenkolo.
Mina nawe asibizelwe ukulandela inkolo,kumbe ibandla thizeni,kumbe imithetho abantu abayenzayo ukuze bakwenze uzizwe unecala ngayo.
Mina nawe sibizelwe ukulandela uJesu.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..