... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izolo Selidlulile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 5:17 Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.

Ake uzicabange ungumuntu othwele isudukesi  yonke indawo la ohamba khona .Okuthi nkashana uthenga   izinto empilweni liyaqhubeka ligcwala ,lisinda .

Nangu wena sewucabanga ukuvese uthenge nobhakha nesikhwama esincane ongasilengisa  engalweni emahlombe.Okugcina yonke lempahla isikudonsela phansi  uze ungakwazi nokuphefumula kahle ,singasayiphathi eyokuqhubeka uhambe uye phambili .

Uma kungukuthi ubungilandela zonke lezinsuku ezimbalwa ezedlule uzokwazi ukuthi besikhuluma kakhulu ngokushiya izolo lakho qede uhlabele kwikusasa lakho .Mhlawumbe uyacabanga …kungani lomuntu elokhu ehleli kulokho na  ?

Yebo ,isizathu ngihleli kangaka kukho yingoba ukushiya izolo qede uhlabele phambili kungenye yezinto enzima ukwedlula konke okunye ukukushiya .Ngakho nakhu la esesikhona ,ekupheleni konyaka ,ilanga selizozilahla kunina .

Nantu usuku olungumnqamulajuqu wempelanyaka . Kodwa umsebenzi omkhulu awuhleli emahlombe akho ,ukushiya nokulahla izolo lakho ,yonke imihuzuko yempilo obhekane naye endleleni .

Ngoba yilonto uJesu oweza wazophila wafela yona qede wavuka  ukuze ukhululwe kukho .Usukulungele  ?

2 KwabaseKhorinte  5:17 Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.

Uma kungasaphefumuleki sihlobo ngenxa yemithwalo yezolo lakho ,uma ungakwazi nokuzibona ukuthi konje unyawu uzoluthatha kanjani ulubeke ukungena onyakeni omusha ,yazi lokhu .

Ngesikhathi nje obeka ithemba lakho kuJesu uphenduka isidalwa esisha .Izolo lidlulile .Konke sekwenziwa kwakusha .UJesu uyaguqula konke .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy