Khumbula Izikhathi Ezinhle
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 25:1 Jehova unguNkulunkulu wami ,ngiyakukuphakamisa ,ngidumise igama lakho ,ngokuba wenzile izimangaliso ,namasu asendulo ,nokuthembeka neqiniso .
Ezikhathini ezimnyama okuye kubonakale sihamba kuzo empilweni ,kuvese kube lula ukukhohlwa yilolasuku olwalukhanya kamnandi nesibhakabhaka sibuhlaza . Kuvese kube lula ukuvumela umnyama obambeka ngesandla uveze uzitike ngawe ngenxa nje yokukhohlwa .
Ngake ngafunda into ngolunye usuku eyangiqinisa: Usukwaze ukuhamba ngokubekezela ngokunqoba ngo 100% izinsuku ezazinzima empilweni yakho .Uyibambe ngakho .
Futhi okuthi uma ukucabanga lokho kuliqiniso elimsulwa .Kodwa manje uma kungukuthi uhamba esigodini sobumnyama – kuvese kube yinkulumo enganikani ithemba le .Angikucacise ukuthi hhayi ngoba mina ngingcono ,uma ngibeka ngalendlela ,sonke sinazo izinto empilweni ezivese zisidangalise – lenkulumo iyi-statement esinganikani ithemba ezikhathini ezinjalo .
Emva kwakho konke ,singathanini kanti ngolwanamhlanje kuphela okulusuku oluzosivova sibe mancadasana singaphumeli ngale kwentaba ?
Mhlawumbe ukulesosigodi njengamanje ,kumbe mhlawumbe uqeda kuphuma nje kuso….kumbe kungenzeka kukhona esisondelayo ongasicabangi.
Noma ngabe izinto zikephi kuwe njengamanje ,nansi inkulumo ezokunika isibindi :
Isaya 25:1 Jehova unguNkulunkulu wami ,ngiyakukuphakamisa ,ngidumise igama lakho ,ngokuba wenzile izimangaliso ,namasu asendulo ,nokuthembeka neqiniso
Ake ubuyise umqondo kancane ,kunini lakhona uNkulunkulu waziveza esikhathini esinzima ? Usakhumbula? Wawuzizwa kanjani? Ngakube izinto zagcina zenze njani? Wamangala kanjani ngesikhathi sewubona ukuthi uNkulunkulu ubhekane nazo zonke ?
Izikhathi ezimbi ziphenduka izikhathi ezinhle ,ngakube azizange ziphenduke ezinhle ,ngoba uBaba wakho oseZulwini wenza izinto ezimangalisayo !
Uyakuthanda ngaphezu kokuba amagama ubengachaza .Ngakho ezinsukwini zakho ezimnyama ,zikhumbule lezokhathi lakhona uNkulunkulu wakho wenza izinto ezimangalisayo !
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..