Kubeke Emumva Ukuzisola
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFiliphu 3:12,13 Kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili
Njengamanje iningi lethu lihlaziya letshisa unyaka lo ophethayo ukuthi ubunjani … Uhambe kanjani ? Ngakube ubungomubi noma omuhle ?
Angibuze –uhambe kanjani ? Ngakube uphumelele ,ungumuntu ongcono kunasekuqaleni kwawo ,uphumelele ukufeza amaphupho akho noma cha? Futhi konke lokho kusebenza kanjani ekutheni uzongena ndlelani onyakeni omusha ?
Nginemibuzo eminingi namhlanje ,ngezizathu ezinhle nokho yingoba uNkulunkulu ukulendawo kunye nawe . Ufuna ukuba yingxenye yokukuhola kahle ubheke kwikusasa elihle ehambisana nawe .Futhi njengamanje ayikho into enhle kithi kunokumvumela akhulume kithi ngokokuthi lonyaka ubunjani nokuthi sibheke ukungena kanjani kwesiya kuwona .
KwabaseFiliphu 3:12,13 Kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa
khona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye
engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili
NguPhawuli umphostoli la ehlaziya ebuka emumva qede abuke iphambili lakhe .Iqiniso ngukuthi akukho noyedwa kithi o-perfect .Sonke siwenzile amaphutha .Sonke sinohambo olude olusasihlalele .Ngakho khohlwa yizolo bese uzama ngokuzimisela okukhulu ukufinyelela kwizimpokophelo uNkulunkulu akubekele zona phambi kwakho .Ngoba …
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.