Kuhle Emoyeni Wami (3)
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseKolose 2:14 Esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni.
Sewuke ube nawo lomuzwa ongemnandi wokuthi engathi kunento ehlasimulisayo izokwehlela ? Kodwa uvese uthole ukuthi ungalindele ,kube nento eyenzekayo eqeda ukwesaba kwakho ebese lomthwalo omkhulu usuke emahlombe akho .
Kuyiminyaka ngisengumfana ,ngangazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kodwa ngangesaba ukuya kuYe ngenxa yesono sami;ngoba ngangazi ukuthi indlela engabe ngiphila ngayo impilo yami izoletha ukwahlulela kwakhe ngamandla phezu kwekhanda lami .
Mhlampe unento empilweni yakho oyaziyo ukuthi ayimthokozisi uNkulunkulu ,ngakho lomuzwa wovalo uyakudla emphufumlweni wakho .Nanti ivesi lesithathu lalelihubo elihle elithi : It is Well With My Soul –Kuhle emoyeni wami …elibhalwe nguHoratio Spafford esikhathini empilweni yakhe lakhona alahlekelwa cishe yikho konke okwakuyigugu kuye . Ibhizinisi lakhe ,umnotho wakhe,zonke izingane zakhe ezinhlanu zafa .
Nokho okwathi uma ebona uJesu amenzele khona ,qede wacula wathi …
Isono sami ,yeka lomcabango okhazimula kangaka ! Isono sami ,sonke hhayi ingxenye ,sesibethelwe esiphambanweni,futhi angisasithwele,Dumisa iNkosi ,Dumisa iNkosi ,Oh mphefumulo wami !
Futhi yebo nebala kungumcabango okhazimulayo ukuthi sonke isono sethu ,hhayi ingxenye,sesisusiwe emahlombe ethu .Ngani? Ngoba sabethelwa esiphambanweni ngalokho uJesu asenzela khona ,ukuze thina singaphinde sisithwale sanhlobo .
KwabaseKolose 2:14 Esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni.
Dumisa iNkosi ,Dumisa iNkosi ,Oh mphefumulo wami !
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..