... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kungani Sikhathazeka Ngobungcwele ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 1:14-16 Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu, kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

Listen to the radio broadcast of

Kungani Sikhathazeka Ngobungcwele ?


Download audio file

Ukuba ngomuhle ,owenza okuhle ,kungaba yinto enzima .Esikhathini lakhona wonke umuntu eziphethe kabi – futhi kungakanani lokho kwenzeka ngokwemvama ?!  ukuphikisana neningi kunzima .Ngakube kungumjuluko onenani ?  Umelwe kwakhona ukukhathazeka ngakho ?  

Ake ukhumbule emumva la khona oke wazithola uphambana nezehlayo   wena wathatha isikebha esinyukayo – ezintweni ze –social media ,ingcindezi yontanga ,ungqubuzano lomndeni –kulezozimo wena uzama ukuba ngomuhle  nokwenza okuhle .Wakuthola kunjani ?

Ugcina sewufika ekucabangeni okuthile  okuthi  : “kungani kwakhona ngizikhathaze?  Ngizoyiyeka phansi lento  nami ngihambe nezihambayo”  Ngoba ukuba ngohlukile kungumsebenzi onzima .

Nebala igama ubungcwele lichaza lokho –ukwahlukaniswa –ukuzidela ngokuzinikela ukuba ngothokozisayo kuNkulunkulu . Kungukuba ngohlukile ekwenzeni komhlaba wonke  ngothando lwethu ,ngezinkambiso zethu  ngenqubo yethu ….ngoba singabakhe .Kodwa uma kunzima kangaka ukukwenza ,kungani ulokhu uzikhathaza ngakho  ?

1 EkaPhethru  1:14-16 Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu,  kodwa

njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke,  ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

Kungani simelwe ngukukhathazeka ? Ngoba uma umazi uNkulunkulu ,wazi kangcono .Uma umthanda ,ubiziwe ukumlalela ,ukuba ngohlukile ,ukuba ngohlukaniselwe ….ngoba ungalenzi iphutha wakukhetha .

Futhi uma kungaphelele lokho ,nanku umongo ,ovela kuNkulunkulu oza kuwe ngqo  “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

Ukuba ngohlukile kuhlale kunzima kodwa yilapho kanye izibusisio zikaNkulunkulu zilele khona .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.