Kwenzele INkosi Lokhu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaPethru 2:13,15, Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu….. Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
Uma kukhona into eyodwa ubhubhane oluyenzayo ekufakeni ingcindezi esizweni ,uhulumeni nakubantu ngabanye ,wukudala ungqubuzano .Lokhu sikubonile emhlabeni kwenzeka kulezinyanga ezedlule .Sikubonile ngisho eduze nala sikhona ,ingcindezi idala ungqubuzano .
Ngakho yikuphi esimelwe ukukwenza ? Ngakuba simelwe ukucimeza sivese sivumelane nobuholi bezepolitiki obubi? Ngakube sisukume sikhulume? Kumbe ,sihlale phansi sizithulele ,singanaki ngisho nala khona abaholi bethu bengenzanga kahle .Akukho lula ,angithi? Kuthi uma umphostoli Phethru ebhalela amaKhrestu angalesosikhathi ayesekucindezelekeni ngenxa kahulumeni owawusemagunyeni ngalesosikhathi uthi :
1 EkaPhethru 2:13 Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu….. Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
Yebo nebala zikhona izikhathi lakhona sidinga ukukhuluma simelane nokungamaphutha .Kodwa imvamisa ngiye ngibone abazibiza ngaMaKhrestu ngibabone besho amagama abilayo kuleyanhlangano kumbe kulowamholi .Kungani ? Kungenxa yokuthi njengokuba i-social media iyilokhu eyikhona sibukeka singeniseka ekugcwaleni intukuthelo nokugxeka zikhathi zonke .
Bekunganjani, uma thina esizibiza ngegama likaKhrestu – AmaKhrestu – sisebenzise izimpilo zethu ukwenza okuhle ? Ukulalela uhulumeni ngenhliziyo enhle ,ngisho nala khona singavumelani naye .Sikhethe ukungabi yingxenye yabashova baxove udaka olungcolisa wonke umuntu .Futhi okuthi uma sizwa ukuthi kusemqoka kulesosikhala ukukhuluma ngobubi bukahulumeni ,sikwenze lokho sigcwele inhlakanipho nangothando.Bekungaba njani nje ?
Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..