... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuzingelwa Kuyeza

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJuda 18-20 Abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya. Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele.

Listen to the radio broadcast of

Ukuzingelwa Kuyeza


Download audio file

Asithembeke ekutheni kulezinsuku nesikhathi esiphila kuzo ,isilingo sokufuna ukulahla iqiniso elimiyo leBhayibheli  ngenxa nje yemihuheko yakulomhlaba ,sikhulu kakhulu.Abantu bakaNkulunkulu ,kahle hle amabandla namahlelo  enza lokho kanye . 

Noma ngabe uphila kuphi ,kwisikompilo elinjani ,noma ezweni elinjani ,ukubonakala lomhlaba namazwe akithi eya ngokuya eqhela enkambweni enhle  engena ekuzicabangeleni okuthandwa yinhliziyo yawo ,lokho kuyinto esiyibona ngisho kwabaseduze kithina ngokungananazi. 

Futhi ke nansi into ekhona .Bafuna ukuba sibajoyine .Kahle hle ngokwabo bayazonda uma simi siqhelelene naleyompilo yabo singafuni ukuyiphila  – njengokuba abantu bakaNkulunkulu bebizelwe ukwenze njalo  – futhi bakwenqaba ukuphiliswa impilo okungeyona eyaKhe .Uma senqaba ukuzibandakanya ekukhwabaniseni ,uma senqaba ukuzifaka ngekhanda ekuziphatheni kwezocansi okubi ,uma senqaba ukwemukela ukubulawa kwezingane ezingakazalwa ,ungazikhohlisi ukuthi bazosithanda ,kunalokho bazosilandela ngokusijaha . 

EkaJuda 18-20 Abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya. Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele.

Futhi njengokuba uJuda ebhala lapha ,lokhu kuqhela ezindleleni zikaNkulunkulu kuletha ukuklayeka phakathi .Abanye ,abaningi ,bafuna ukholo lwabo lungene luhambisane nezinto eziningi zakulomhlaba.Kodwa akusikho lokho mina nawe esibizelwe ukukwenza .Akukhona neze lokho uNkulunkulu anakho ngami nawe. 

Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele.

Khulani niqine eNkosini.Khulekani kuMoya .Ngoba impela mzalwane wami ungalenzi iphutha lokunganaki ,kuyeza ukuzingelwa .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..